Izindaba

Kukhalwa ngobugebengu kwanda imijondolo edolobheni lasoLundi

Zimbili Vilakazi|Published

EMINYE yemijondolo okuthiwa kucasha kuyo izinswelaboya ezibamba abantu inkunzi edolobheni lasoLundi ebusuku

Image: SITHUNYELWE

UKHATHAZEKILE ngokuphepha kwawo umphakathi wasoLundi, kwanda imijondolo edolobheni lakule ndawo. 

Ngokuthola kweSolezwe, le mijondolo okuthiwa iphakathi enkabeni yedolobha, isiphenduke umhhume wezinswelaboya eziphilisa lubhojozi umphakathi. 

Kuthiwa yevile ku-30 imijondolo egxunyekwe phakathi edolobheni kanti kunovalo lokuthi izokwanda kakhulu njengoba zonke izinsuku kuvukwa sekukhona emisha.

Ngokusho kwesakhamuzi esicishe saphenduka umgilwa, uMnuz Sphesihle Zulu waseNkonjeni, uthe okubi ukuthi selokhu iqalile ukuba khona le mijondolo, ubugebengu bunyuka ngesivinini.

Uthe naye ucishe waphenduka umgilwa ngeledlule ngesikhathi ehlwelwa, efika edolobheni ebusuku, evela eThekwini. 

“Ngangiphuthuma e-renki yamatekisi, ngiyobheka ukuthi ngisazowathola yini amatekisi aya ekhaya. Ngazithola sengilandelwa abantu engingabazi, abasolisayo, bevela kuyo le mijondolo,” kusho uZulu, othe abasolwa behluleka ukumbamba inkunzi ngoba wavele wamemeza kakhulu efuna usizo, bavele bajika.

Esinye isakhamuzi, uMnuz Ntobeko Mbatha waseMkhazane, sikhale nangokungcola kwedolobha ngenxa yayo le mijondolo. 

“Uma bedayisa noma bepheka abanikazi bayo ngezikhathi zasemini, balahla udoti noma kuphi, bechithe amanzi angcolile ebaleni, kuvimbanise iphunga elibi,” kusho uMbatha. 

Ubuye wathi bona laba bantu babuye balahle esithubeni amakhanda nezikhumba zezinhloko, wathi banxusa iziphathimandla zingenelele.

IMeya kaMasipala wasoLundi, uMnuz Wilson Ntshangase, uthe nabo abahambisani nesenzo sabantu abagxumeka izakhiwo eziyimijondolo phakathi edolobheni. 

Wathi kunemigudu elandelwayo uma umuntu ufuna ukwenza imizamo yokwenza amabhizinisi okuziphilisa edolobheni. 

“Umasipala unazo izinhlelo zokunciphisa lezi zakhiwo, uphinde ube nemali yokuthenga kabusha izindlu ezisesimweni ezifanele ukuthi abahwebi badayisele kuzo,” kusho uNtshangase.