IMeya yesiFunda eMzinyathi uNkk Thembeka Mchunu
Image: SITHUNYELWE
SEYENZE isibophezelo sokuthi izokwenza konke okusemandleni ayo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iyaxazululeka inkinga yamanzi eNquthu iMeya yesiFunda saseMzinyathi, uNkk Thembeka Mchunu.
AMALUNGU omphakathi aseNquthu abekade ehambele ukuvulwa kwamanzi
Image: SITHUNYELWE
IMeya yenze lesi sethembiso ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni amanzi eNhlopheni, eNquthu. "La eNquthu kasihambi sizinzile iyoze ilunge inkinga yamanzi. Sizibekele umgomo wokuthi kuqambe kushaya u-2030 izindawo eziningi zibe seziwathola amanzi,'' usho kanjena.
Uthe kulokoza inhlansi yethemba ngohlelo lokwabiwa kwemali ngokwamawadi athe nalo lizoklama indima enkuli ekuxazululweni kwenkinga yamanzi eNquthu.''Sinethemba elikhulu lokuthi lolu hlelo lokuthi isabelo mali sabiwe iwadi newadi kuningi esizokwazi ukuthi sikwenze ngempulelelo. Imali ezobe itholwa iwadi ngayinye ilinganiselwa ku-R800 000. Le mali izosiza ekuthengweni kwamathangi amanzi kanjalo nasekutheni kuvuselelwe izikimu ezindala ezingasasebenzi,'' usho kanjena.
Kuvelile lapha ukuthi amanzi abevulwa azolakelela abantu abalinganiselwa ku-250. Phakathi kwezindawo ezizohlomula kubalwa uNhlopheni, KwaBombo, Zwelisha, eMooiplass kanye naseGundintaba.Kuhlalukile ukuthi umsebenzi owenziwa lapha ufaka phakathi ukuxhunywa kompompi abangu-68 abazoba semphakathini kanye nokuvuselelwa kweziteshi ezintathu zokuphampa amanzi kumaboreholes.
IMeya idalule ukuthi wonke lo msebenzi udle imali elinganiselwa ku-R18,5 million. IMeya ibe seyiphosela inselelo umphakathi wakule ndawo ukuba ubhukule ulwe namasela aphazamisa ingqalasizinda yamanzi.''Kasifisi ukuzwa ukuthi sekwebiwe icable, umpompi noma yini nje enye ephathelene namanzi. Akufanele imali eyabelwa amawadi igcine seyenza into eyodwa yokuphesha izinto ezebiwe,'' exwayisa.
Eqhubeka uphosele inselelo abaesifazane bakule ndawo babone ukuthi yimaphi amathuba abangawasebenzisa ukuziphilisa. Ukulekelelwa kwabantu besifazane uthe kungaphansi kohlelo uMzinyathi Development Agency."Baningi kakhulu abesifazane esisibaxhasile ngaphansi kwalolu hlelo. Yingakho sinxusa nabanye ukuba basondele eduze,'' ephetha.