Izindaba

Usomatekisi ubulale umqeqeshi webhola ecasulwa amakhathakhatha

Nonkululeko Nhlapo|Published

Uphele kabi umdlalo webhola eLimpopo kubulawa umqeqeshi

Image: Limpopo Chronicles/X

Kube muncu enkundleni yezemidlalo eLimpopo kubulawa umqeqeshi kulandela ingxabano ethinta amakhathakhatha.

Umqeqeshi uKwena Katiba [29], okusolakala ukuthi ubulawe yisikhulu samatekisi kulandela ingxabano yomuthi ngesikhathi kunomqhudelwano webhola eGa-Dikgale, eMarobala, ngosuku lukaKhisimusi.

Ukatiba, ongumnikazi nomqeqeshi weSurvivors FC Academy ezinze eTurfloop Unit D, ngaphandle kwasePolokwane, ugandaywe  wahudulwa ngemoto esuswa enkundleni yaze yayoma emgwaqeni u-R81.

Ngokuhamba kwesikhathi washonela esibhedlela saseMankweng. Ngokombiko wokuqala wamaphoyisa, lesi sigameko senzeke ngesikhathi kunomqhudelwano wesiteki iMamathipa Soccer Challenge. Kuthiwa umufi ube nengxabano nosomatekisi, ongumnikazi nomqeqeshi weJuventus FC, iqembu eliphikisayo, ngemuva kokuthi asuse isikhwama ebesibekwe emapalini.

Abazibonele bathi bekusolakala ukuthi isikhwama sinomuthi. Kuthiwa ishube kakhulu ingxabano, usomatekisi wagandaya uKatiba ngemoto ngaphambi kokumhudula.

Umsolwa oneminyaka engu-37 ubudala uboshiwe mayelana nalesi sigameko kanti kulindeleke ukuthi avele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseMankweng ngoMsombuluko, 29 Disemba 2025, ebhekene necala lokubulala.