Izimpahla ezingumbombayi
Image: SAPS
KUSHAQWE inqwaba yempahla engumbombayi ebishushumbiswa ingeniswa emingceleni yakuleli, kuyona okukhona no-cream bokukhanyisa isikhumba, amaphilisi okuvikela ukukhulelwa, okokuhlola ukukhulelwa, izidakamizwa nezinye izinto.
Lokhu kuvezwe wuphiko oluqapha imingcele iBorder Management Authority (BMA), exwayise ngokuthi bazobhekana nomthetho abazozama ukungena kuleli ngokungemthetho. Kuxwayiswe nabazozama ukwenza ubugebengu, ukuthi amahlathi aphelile kubona.
Isikhulu salolu phiko uDkt Michael Masiapato, sithe ezokuphepha ziqine kakhulu emingceleni njengoba bebambe inqwaba yezinto ezingombombayi, ebezingeniswa kuleli. Ubale nezingubo zokugqoka kanjalo nezimoto ezebiwe. Uthe kuboshwe nabantu abangu-8 000, abebezama ukungena kuleli ngokungemthetho besuka emazweni akhele elakuleli.
"Konke lokhu kwenzeke ekoteni yesibili yalo nyaka. Ngale ndlela sizama ukuxwayisa abazothatha amashansi ukuthi sizobe singasineki. Izobe iqashwe ngelokhozi yonke imingcele engenela kuleli. Sikhathazekile ngabavela kwamanye amazwe abazama ukungena kuleli ngokungemthetho," usho kanje ekhuluma esithangamini sabezindaba izolo ePitoli, ngezinhlelo zalolu phiko ngamaholidi.
Uthe inqwaba yababoshiwe bezama ukufohla bebeqhamuka eLesotho.
"Balandelwa abavela eMozambique kanjalo nabaseZimbabwe. Sisebenzisana nanophiko iNational Joint Operations and Intelligence Structures (NATJOINTS)kanjalo nolwezifundazwe iprovincial joint operations (PROVJOINTS) njengoba kungamaholidi."
Uthe abasuke bezama ukuthatha amashansi bangene ngokufohla kuleli, bande e-OR Tambo International Airport, Beit Bridge, Lebombo, Ficksburg, Maseru Bridge, Cape Town International Airport, Oshoek, naseBotswana.
Uthe bazobe besebenzisa ubuchwepheshe emigceleni okubalwa ama-drones, kanjalo namakhamera asemzimbeni azobe efakwe abasebenzi.
"Ngamakhamera sihlose ukubona konke okwenzekayo. Kuzobe kuvela bamukela ama-passports baphinde bawabuyisele emuva ukuze kungangeni abantu okungafanele ukuthi babe kuleli."
Ubalule nokuthi balindele ukuthi bande abavakashi abazoza kuleli.
"Silindele ukuthi bande abazovakashela kuleli ngalesi sikhathi. Ngonyaka mali u-2023/2024, emigceleni yethu kwaba nabantu abangu-5 million okuhlanganisa abangu-78% abangabokufika nabangu-22% bakuleli abadlule emingceleni. Ngonyaka mali u-2024/2025, bangu-4.5 million abantu abadlule emingceleni. Ekoteni yesibili yonyaka sinyuke kakhulu isibalo sabadlule emingceleni yakuleli njengoba bengu-9.2 million ngenxa yemicimbi ebikuleli okubalwa nomhlangano weG20."
Uthe kulo nyaka balindele ukuthi sinyuke kakhulu isibalo sabazodlula emingceleni.
"Bazohlolwa yithimba lezempilo abazongena emingceleni yakuleli. Kuzobhekwa kakhulu nabazama ukungena nezidakamizwa, izimoto ezebiwe nabahaqwe yizifo ezithathelanayo okubalwa nabanomkhuhlane."
Related Topics: