UNGQONGQOSHE eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni
Image: GCIS
ISHAYA phansi ngonyawo iKhabhinethi yakuleli ithi ngeke icenge iMelika ukuthi ithamele umhlangano wamazwe ayingxenye yeG20.
Lokhu kulandela ukuthi iMelika ithe ngeke ilimeme elakuleli ukuthi lithamele lo mhlangano ozoba ngonyaka ozayo, eMiami, e-United States of America (USA).
UNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uveze ukuthi ngeke bayincenge iMelika.
"Asikho emkhankasweni wokuncenga iMelika ukuze sithamele umhlangano weG20. Siyingxenye yamazwe akwi-G20, asidinge kuncenga iMelika ukuze sithamele umhlangano."
Uthe elakuleli liyizwe elizimele njengeMelika.
"Siyizwe elizimele njengeMelika. Ingathatha ezayo izinqumo nathi sizothatha izinqumo ezihambelana nezwe lethu. Siyazi ukuthi ingelinye lamazwe esihweba nawo," usho kanje.
Uhulumeni waseMelika awuzange uwuhambele umhlangano weG20, obukuleli ngenyanga edlule ngenxa yokuthi umengameli Donald Trump, wakhala ngokuthi kubulawa amaBhunu angabalimi okuyinto echitha nxa zonke kuleli.
Yize kunjalo kodwa uTrump ulokhu emile ekutheni amaBhunu ayabulawa.
Related Topics: