Kuthiwa kudayiswa inqwaba yamakhondomu ejoyintini elisebenza abaqwayizi eGoli
Image: X
Kuphazamiseke ubumnandi endaweni ehweba abaqwayizi enkabeni yedolobha iGoli kugasela izinhloli zikamasipala. Kuleli joyinti elinamagumbi okulala asetshenziswa yizintokazi ezihwebayo kutholakale inqwaba yamabhokisi amakhondomu okuthiwa adayiselwa amakhasimende athenga kule ndawo.
I-MMC ye-Development Planning MMC edolobheni iGoli u-Eunice Mgcina, ubehamba nezikhulu zikamasipala zezomthetho nethimba elihlanganisa izithunywa zeminyango eyahlukene baqhube umkhankaso wokuhlola amabhizinisi edolobheni iMidrand ngoLwesibili. Ngesikhathi beqhuba umsebenzi, bafinyelele ejoyintini okuthe bengena phakathi bathola ukuthi linamagumbi asebenza abaqwayizi.
Kuthiwa leli joyinti alikho emthethweni njengoba lingenayo ilayisensi yokusebenza abaqwayizi futhi lingenayo nelayisensi yokugembula, kodwa yizinto ezenziwayo uma ungena lapha.
Kushaqwe amaphakethe angu-84 000 amakhondomu amahhala oMnyango wezeMpilo abedayiswa ngokungemthetho kuzo zombili lezi zindawo. Kuthiwa lawa makhondomu adayisa uR70 iyinye kubathengi abadinga izinsiza zale ndawo.
IMeya yaseGoli uMnuz Dada Morero ikhiphe isitatimende ithe; "Sigxile ekubhekaneni nezindaba ezibalulekile ngokuhlakaza ingqalasizinda esekela lobu bugebengu, siqinise ukuzibophezela kwethu ekuqinisekiseni ukuthotshelwa komthetho nokuphepha komphakathi."
Kwenziwe umkhankaso ofanayo ePitoli lapho ithimba likamasipala waseTshwane linikele ehhotela iPavillion, eSunnyside.
Leli hhotela lisebenza njengendawo yokudayisa umzimba yize lingenawo amapulani okwakha agunyaziwe nangaphandle kokuhlangabezana nezinsiza zezimo eziphuthumayo nangaphandle kwesitifiketi esidingekayo i-COA.
Ngaphezu kwalokho le ndawo inezinja ezintathu endaweni eklanyelwe ibhizinisi nokuwukuphulwa ngqo kwemithetho kamasipala.
Ikhansela le-EFF elibhekelele ezemvelo nezolimo kulo masipala Obakeng Ramabodu uthe;" Amakilabhu asebusuku nezindawo zokuqwayiza ayizimboni ezilawulwayo futhi ngeke sikwazi ukuvumela ukwephulwa komthetho noma ukubukela phansi imithetho yedolobha lethu. Kubalulekile futhi ukugqamisa ukuthi umnikazi wePavilion Hotel nguyena umnikazi ka-Iphi Ntombi okuzobhekwa okufanayo nezindlela zokuqinisa umthetho."
Kuvalwe iPavillion Hotel, eSunnyside, ePitoli ngenxa yokuphula imithetho kamasipala
Image: X