Izindaba

Ukhalelwe amasongo kaSigonyela owesifazane ojezisa 'izidakwa' ezingakhokhi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Utshwala

Image: Pexels

Owesifazane oneminyaka engu-54 ubudala waseNkowaNkowa eLimpopo uboshiwe ngokuzama ukuvula ijele lakhe.

Kusolwa ukuthi lo wesifazane wavula ijele egcekeni lakwakhe ngoDisemba 2, 2025.

Lona wesifazane ongumnikazi wendawo yokucima ukoma wabopha amadoda ambalwa adala udlame ephuzile wawavalela aze ahlambuluka utshwala.egazini noma akhokhe izikweletu.

Ngokwemibiko, uvalele abantu abangu-36 ngokuphuza ethaveni yakhe ngaphandle kokukhokha kanye nalabo ababemkweleta. Lona wesifazane uphinde wasebenzisa ijele ukubopha amadoda ashaya abantu besifazane uma bephuzile ethaveni.