Ejele
Image: Sigciniwe
INkantolo yesiFunda yaseSikhaleni, igwebe uSamkelo Dumisa, 28, odilikajele ababili kanye neminyaka engu-25 ebhadla ejele ngemuva kokutholwa enecala lokubulala umsizi wetekisi uSandiso Rasta Magwaza, elokuzama ukubulala usomatekisi, elokuthumba nokubamba inkunzi.
Mhla ziyi-18 kuNovemba 2023, umnikazi wetekisi wayeshayela itekisi yakhe egcwele abagibeli esuka eMpangeni eya eNtambanana. Ngesikhathi itekisi ifika endaweni yokugcina, bonke abagibeli behla etekisini ngaphandle kwamadoda amathathu asala ngaphakathi. Laba balisa abathathu babe sebekhipha izibhamu, babopha umnikazi wetekisi nomsizi wakhe ngezintambo babayisa ebhishi lasePort Dunford. Usomatekisi waphucwa isamba semali esingadalulwanga.
Abasolwa babe sebedubula babulala uRast Magwaza, ngaphambi kokuklinya nokugwaza usomatekisi amahlandla amaningi base bemshiya bethi ushonile. N
gemuva kwezinsuku ezimbili kwenzeke lesi sigameko, umnikazi wetekisi waphaphama ekuqulekeni, watholwa yinyanga eyayiyosebenza olwandle. Ube esephuthunyiswa esibhedlela. Isidumbu sikaRasta Magwaza sitholwe ogwini lolwandle kuyo leyo ndawo.