Izindaba

Bathenjiswe ukukhokhelwa ngaphambi kukaKhisimusi abamakela u-matric

Mhlengi Shangase|Published

ISIKHULU esibhekele izivivinyo eMnyangweni wezeMfundo KwaZulu-Natal, uDkt Ray Penniston, sikhuluma nabamakela u-matric

Image: KZNDOE

BATHENJISWE ukuthi kuzoshaya uKhisimusi, sebekhokhelwe abamakela u-matric KwaZulu-Natal.

Lokhu kuqinisekiswe yisikhulu esibhekele izivivinyo eMnyangweni wezeMfundo eKZN, uDkt Ray Penniston, ngesikhathi ehambele izikhungo okumakelwa kuzona u-matric.

UPenniston uthembise laba basebenzi abadube amaholidi, bayomaka ezikhungweni ezingu-32 ezisabalele isifundazwe, ukuthi kuzothi kushaya uKhisimusi babe sebekhokhelwe.

"Abamakayo bazokhokhelwa ngoDisemba 23, 2025," usho kanje.

NoMqondisi jikelele eMnyangweni weweMfundo kazwelonke, uMnuz Mathanzima Mweli, obehambele kulezi zikhungo esifundazweni, ubonge abamakayo abadele yonke into basabela ekhweleni lokuyomakela u-matric.

Uthe benza umsebenzi obaluleke kakhulu esizweni njengoba imiphumela yaleli banga ilindwe ngabomvu ngonyaka ozayo.

"Sibonga ukuthi nishiye yonke into eniyithandayo, nazosebenza umsebenzi wesizwe wokumakela abafundi. Ibambeni kuze kube sekugcineni," usho kanje.

Umnyango esifundazweni ubhekene nezinselelo zemali kanti kuhlale kubanjwe umoya ngokukhokhelwa ngesikhathi kwabamakela leli banga ngenxa yokuthi umnyango uhluleka ukukhokhela osonkontileka ngesikhathi.

Phakathi kwabantu abangakhokhelwa ngesikhathi inkampani esabalalisa i-stationery nezincwadi ezikoleni zesifundazwe iNdabase. Lo mnyango awunayo imali yokuthenga izincwadi zangonyaka ozayo, usathenge kuphela i-stationery. 

Bangu-179 751 abafundi ababhale ngokugcwele u-matric esifundazweni, abangu-16,148 babhale ngasese.

Babalelwa ku-7 889 abamakayo kanti lo msebenzi kulindeleke ukuthi uphothulwe kuleli sonto.

Phambilini uMphathiswa wezeMfundo, uMnuz Sipho Hlomuka, wayethembisile ukuthi bazokhokelwa ngesikhathi abamakayo.

Waveza ukuthi basebenzisana noMnyango kaMgcinimafa esifundazweni, ukuqinisekisa ukuthi bayakhokhelwa ngaphandle kokubambezeleka.

Izikhulu zomnyango zihlale zihlaba ikhwelo lokuthi kwengezwe isabelomali ukuze umnyango ukwazi ukusebenza ngendlela njengoba usengcupheni yokuguqa ngamadolo ngenxa yokwehliswa kwesabelomali.