Nginovalo ngesoka lami nendodakazi yami
Image: Pexels Alex Green
Umbuzo
Sawubona MaGumede nginenkinga sisi wami ngicela ungiphe izeluleko. Nginesoka engithandana nalo sihlala ndawonye yize singashadile futhi nasekhaya alikhiphe lutho. Ngiyalithanda kodwa manje inkinga wukuthi nginengane yentombazane esikhulile esihlala nayo.
Manje abantu bathi angisabi yini ukuthi ngelinye ilanga le ndoda iyongigila, angikaze ngisole lutho futhi le ndoda ngiyayithemba kodwa izinkulumo zabantu nomhlaba esiphila kuwona yikona okungenza ngivule amehlo. Ngiyacela MaGumede ungibonise ngenzenjani?
Impendulo
Sawubona sisi wami, okokuqala nje kuyiphutha ukuhlalisana ningashadile akunandaba noma ngabe yini imbangela yalokho, okwesibili kungani ingane ingahlali kubo kwayo okanye ekhaya kini? Uma ngempela kwenzeka le ndoda ikugila uyothi webani asabele kuphi? Okwesithathu, umuntu wakho uyamthanda futhi ngikholwa wukuthi uyamethemba ngakho ke ungavumeli uthando lwenu loniwe abantu ngezinkulumo ezingathi shu ezizokwenza ugcine ususola izinto ezingekho. Kubalulekile ukukholelwa kulokho obonayo ukuthi kuzokusiza futhi kubalulekile nokuthandana ngendlela yenu ngaphandle kokunaka abantu ukuthi bathini nokuthi bacabangani ngothando lwenu.