Ungqongqoshe weMfundo eyisisekelo uNksz Siviwe Gwarube
Image: GCIS
BAKHONJWE indlela othisha abangu-60, abebehobe ezikoleni befundisa kodwa obekungaziwa ukuthi basemabhukwini abantu asebeke balahlwa amacala okuhlukumeza izingane.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, ephendula imibuzo yamalungu ePhalamende, ngabakwenzayo ukuvikela abafundi ezikoleni.
Uthe amagama alabo thisha bawavundulule emabhukwini agcinwa nguMnyango wezobuLungiswa, anamagama abantu asebeke bahlukumeza izingane.
"Siyaqhubeka nokukhuculula othisha abahlukumeza izingane ezikoleni zethu. Muva nje sixoshe labo thisha emva kokuvundulula amagama abo ohlwini lwabantu asebeke balahlwa amacala okuhlukumeza izingane," usho kanje kodwa wangachaza ukuthi bavela kuziphi izifundazwe.
Uthe basebenzisana noMnyango wezobuLungiswa ngoba yiwona ogcina wonke amagama abantu asebeke bahlukumeza izingane.
"Asithi nsi kulabo abahlukumeza izingane zethu ngoba ukuphepha kwazo sikubeka phambili. Uma sithola ukuthi uke wahlukumeza ingane, usuke ungasakulungele ukusebenza nezingane ngakho siyakuxosha, asinanazi," usho kanje.
Uthe kubalulekile ukuthi ngaso sonke isikhathi umqulu onabantu abahlukumeza izingane uhlale ubuyekezwa.
"Sinezinhlelo zokuthi abafundisa i-Early Childhood Development (ECD), bakwazi ukuhlonza ingane ehlukumezekayo."
"Abazali nabo kumele basisize ngeke le mpi siyinqobe sisodwa. Nabo kumele baqinisekise ukuthi izingane azihlukumezeki,"
Umkhandlu olawula othisha awuthi nsi ngothisha abahlukumeza izingane.
Othisha abasha endimeni kubhekwa amagama abo emqulwini wabantu abake bahlukumeza izingane ngaphambi kokuba lo mkhandlu ubanike isitifiketi sokuthi bangakwazi ukuqashwa ezikoleni zakuleli.
Othisha abalahlwa amacala okuhlukumeza izingane bakhonjwa indlela bangaphinde basebenze ezikoleni zakuleli.
Nomthetho wezikole iBela uyakubalula ukuthi othisha kumele babike uma kunengane ekhulelwe isencane ezikoleni.
Umthetho ubeka lo mthwalo emahlombe othisha, abahlengikazi nodokotela ukuthi uma kukhulelwe ingane engaphansi kuka-16, kubikwe ukukhulelwa kwayo ukuze iphonswe imibuzo kutholakale oyikhulelisile. Uma emdala kumele abekwe icala lokudlwengula ingane.
Laba basebenzi bangazibona beboshwa uma behluleka ukubika izingane ezikhulelwe.