Izindaba

Imibuzo ngothisha obulawe phambi kwesoka

Nkosikhona Cele|Published

Indida ngobulawe ehlelu nesoka

Image: Sigciniwe

USALE nemibuzo engenazimpendulo umndeni wowesifazane waseMzimkhulu okuthiwa udutshulwe wafa phambi kwesoka lakhe.

Umufi, uNksz Lindiwe Mngomezulu (33), kuvela ukuthi ubulawe ngabantu abangaziwa esemotweni nesoka lakhe, uMnuz Nhlanhlayethu Gumede (42), esigamekweni esenzeke ngoMsombuluko ntambama.

Udadewabo kamufi, uNksz Zothile Mngomezulu, uthe badunguza ebumnyameni ngomnyombo wokusocongwa kukadadewabo.

"Kufike abantu bapaka eduze kwemoto yabo. Ubhuti ubekade ezobheka intombi yakhe njengoba ebejwayele ukwenza. Laba bantu baqale ngokubabuza ukuthi kukuphi kwaNxumalo. Baphendule ngokuthi kabazi. Laba besilisa behlile emotweni base dedubula bephindelela bebhekise kudadewethu," usho kanjena.

Uthe lesi sigameko simhlukumezile kakhulu ngoba senzeke ebuka.

"Bengikade ngiyothenga esitolo esiseduze ngesikhathi kuqhamuka le moto ipaka eduze kwabo. Namanje akuvumi ukuthi ngikholwe ukuthi ngempela ubulawe kanjena udadewethu," usho kanjena.

Uthe okuxakayo ukuthi laba bantu badubule babhekisa nje ngqo kumufi, bangamdubula uGumede.

Uthe babona kahle nje ukuthi laba bantu bebevele behlose ukubulala udadewabo.

"Siyazibuza siyaziphendula ukuthi ngempela obani laba abenze into ebuhlungu kangaka kudadewethu," echaza.

Uthe abakhumbuli bezwa ukuthi kunesitha anaso umufi. Uveze ukuthi umufi uphelele endaweni yesigameko. Umchaze njengomuntu wokuthula noxolo futhi obengezwani nokuxokozela.

Uthe uGumede uphume emotweni eqhasha ngesikhathi kudutshulwa umufi kwangaba bikho omhubhayo kwabebedubula.

"Uyabona nje ukuthi bebengahlosile ukuzobulala uGumede," esho.

Uveze ukuthi umufi ubekade enguthisha, wenqaba ukudalula igama lesikole abefundisa kusona.

Lithintwa isoka liphendule ngezwi eliphansi lathi: " Mfowethu, akuvumi ukuthi ngikhulume ngale nto."

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal akuqinisekisile ukubulawa kowesifazane eMzimkhulu ngoMsombuluko.