Izindaba

Useze wonda olokhu equlela imali emgodini ongagcwali

Zimbili Vilakazi|Published

Imali

Image: Sigciniwe

UKHALA ngokulokhu equlela izindodla zemali emgodini ongagcwali owesifazane wakwa-Z, eMlaza, oseze wazaca waba ngangothi lokuvungula ngenxa yombango wokudayiswa kwendlu. 

UNksz Slindile Mdabe othe wathenga indlu ngo-R500 000 ngoMashi 2017, utshele Isolezwe ukuthi eminyakeni edlule uzithole esekhokha u-R630 000 ngaphezulu ngendlu efanayo.

Elandisa Isolezwe uthe indlu wayithenga kuMnuz Sphelele Ngubo ngo-R500 000 awukhokha ngebhange lakhe.

“Emva kokumkhokhela ekupheleni kukaMashi 2017, ngangena endlini ekuqaleni kuka-Ephreli 2017 ngokwesivumelwano sethu. Emva kokukhokha u-R15 000 wama-transfers okuthi kushintshwe itayitela ekupheleni kuka-Ephreli, kwaqala izinkinga,” kusho uNksz Mdabe.

Uthe akazange alithole itayitela kuNgubo, nokwathi uma kuphela izinyanga, wagcina esethola abameli ekuqaleni kuka-2018, ukuthi bamphenyele ukuthi kwenzekani.

“Yilapho engathola khona ukuthi kukhona owesilisa womdabu waseNdiya ovelayo etayiteleni. Kwavela ukuthi ngeke ngilithole ngoba uthi uNgubo umkweleta u-R350 000 manje ufuna kuqale kukhokhwe wona ngaphambi kokuthi adedele itayitela,” kusho uNksz Mdabe.

Uthe akaqondanga ukuthi konke lokhu kwenzeka kanjani, kwathi uma ebuyela kuNgubo, wamtshela ukuthi owesilisa akahlukane naye (uNksz Mdabe), abhekane naye (uNgubo) ngqo.

Uthe ugcine esezithola engene shi embangweni walaba ababili, lona okweletwa u-R350 000 esemsabisa ngesikhonzi senkantolo.

“Besivele sifike nencwadi ethi ngiyakhishwa endlini. Ngo-2023, ngaze ngagcina ngizithola sengivuma ukuthi ngimkhokhele le mali athi uyikweletwa wuNgubo. Yilapho athi khona ayisewona u-R350 000, isizele isingu-R500 000, ngawuzama, ngawuthola, ngamkhokhela,” kusho uNksz Mdabe.

Uthe ngesikhatih enza lokhu wayezama ukuqeda umsindo ukuze athole itayitela.

Uveze ukuthi akazange alithole itayitela kunalokho owesilisa wathula izinyanga ezithile wase ephinde emhlohloloza ngesikhonzi senkantolo, ethi usefuna uR130 000, oyizindleko zabameli, ababesebenza udaba eNkantolo eNkulu yaseThekwini.

“Ngahamba ngaya ebhange ngayowuboleka, ngamnika ngommeli wami maphakathi nonyaka odlule,” kusho uNksz Mdabe.

Udalule ukuthi owesilisa uke wathi ukuthula njengoba evumbuke ngo-Okthoba nonyaka nenye incwadi ethi usefuna esinye isamba semali.

“Usengisabise ngokuthi uma ngingamniki le mali, uzongikhipha endlini ngoLwesithathu oluzayo,” kusho uNksz Mdabe.

Uthe ayikho into emhlukumeza njengalolu daba.

“Sengiphelelwe yilolonke isenti enginalo, ngingene nasezikweletini engingazi ukuthi ngizozikhokha ngani. Emzimbeni sengizace ngalingana nothi, sengihlala ngigula ngenxa yokhwantalala,” usho kanje.

Uthe akubonayo wukuthi lona wesilisa usedlala ngaye  ngoba ngokomthetho sasingekho isidingo sokuthi kube khona imali amnika yona kwasekuqaleni.

“Ngamkhokhela ngoba ngizama ukuqeda umsindo futhi ngifuna itayitela, kodwa kuze kube imanje angilitholi, kunalokho ngilokhu ngifunwa izindodla zemali,” kusho uNksz Mdabe, othe ufuna ubulungiswa ngalolu daba.

Uthe ufuna kuphele ukusatshiswa ngokukhishwa endlini athe usechithe inqwaba yemali eyilungisa. Uthe ufuna nokubuyiselwa ingxenye yemali ayikhokhele owesilisa ngoba ukholwa wukuthi kwakungafanele amkhokhele yona kwasekuqaleni.

Isolezwe likhulume nomthombo olwazi ukusuka nokuhlala udaba, ocele ukungadalulwa. 

Uthe uNgubo owadayisela uNksz Mdabe umuzi wayesebenzisana nalona womdabu waseNdiya, bethenga izindlu emalokishini, bazilungise bese bezidayisa ukuthola inzuzo.

“UNgubo wenza okungafanele, eyodayisela uNksz Mdabe umuzi ekubeni itayitela lawo libiza owaseNdiya. Kuthe sekuvela ukuthi uwudayisile, kwadingeka akhokhele lo mlisa u-R350 000 umuzi owawuthengwe ngawo,” kusho umthombo.

Uthe udaba lwagcina lungena enkantolo nokwanqunywa ukuthi uNgubo akhokhele owesilisa imali yakhe, nokuyinto engazange yenzeke.

“Kuthe uma owesilisa ebona kuhamba isikhathi uNgubo engayikhokhi imali yakhe, wavele wawufaka endalini umuzi ukuze athole imali yakhe. Yilapho okwabe sekungena khona uNksz Mdabe ngoba kwabe sekufanele aphume endlini,” usho kanje.

Uthe uNksz Mdabe wabe esekhona u-R350 000 uhambisana nenzalo ka-R150 000 ezama ukuthi angakhishwa endlini.

“Owesilisa ugcine esenza ubugebengu engasalikhiphi itayitela ngisho esekhokhelwe le mali, kunalokho wafuna u-R130 000 ngaphezulu. UNksz Mdabe nommeli wakhe bayikhokha le mali,” kusho umthombo.

Uthe nalapho lona wesilisa akamnikanga itayitela, kunalokho wafuna u-R80 000 futhi, ethi owezindleko zabameli ababelwa udaba enkantolo ngesikhathi kuqala izinxushunxushu phakathi kwakhe noNgubo.

“Umbuzo uthi uNksz Mdabe ungena kanjani lapho? Usedlala ngaye,” kusho umthombo othe abameli basenzinhlelweni zokulufaka enkantolo lolu daba ngoba amalungelo kaNksz Mdabe ayanyathelwa kungafanele.

Lona wesilisa, uMnuz Mohammed Osman, uthe: “Lolu daba sekuneminyaka lusenkantolo. Ngokolwazi onalo, kukhombisa ukuthi awulazi iqiniso. Kungakuhle ukuthi uthinte ummeli ukuze akutshele iqiniso ngecala.”

Ummeli ka-Osman, uNkk Jameela Sayed, utshele intatheli ukuthi ulwazi elunikiwe alulona iqiniso, wahlongoza ukuthi intatheli ize emahhovisi abo ukuze ayikhombise lonke ulwazi olusefayeleni lecala.