Izindaba

UMkhwanazi uvume 'eyokuthola' imali kuMatlala

INTATHELI YESOLEZWE|Published

UJulius Mkhwanazi

Image: Oupa Mokoena/Independent Newspapers

Isikhulu samaphoyisa kuMasipala wase-Ekurhuleni esisamisiwe, uBrigadier Julius Mkhwanazi, siphinde wethula ubufakazi kwiKhomishini kaMadlanga ngoLwesine, kulandela ukushuba kwesimo ngoLwesithathu.

UMkhwanazi uvumile ukuthi wayithola kaningi imali kuMnuz Vusimusi “CAT” Matlala ongusomabhizinisi olandelwa zinkulumo.

UMkhwanazi uthe waphiwa imali kaphethroli neyokudla neyezindleko zomngcwabo. Inani eliphakeme kakhulu alitholile liphakathi kuka-R20 000 kuya ku-R30 000.

Ubufakazi bukaMkhwanazi budwebe isithombe sezinsolo zenkohlakalo nokungasebenzi kahle ezinhlakeni zamaphoyisa kumasipala, kuhlanganisa ukugxambukela kwezepolitiki kanye nokusetshenziswa budedengu kwezinsiza zomphakathi.