UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ehleli namalungu omndeni enkonzweni yomngcwabo kaMnuz Muzi Mbongwa, obeyilungu le-Community Policing Forum obulewe
Image: SITHUNYELWE
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ukufanise nokuhlasela ezokuphepha kanjalo nozinzo esifundazweni ukubulawa kwabasezinhlakeni eziqapha ubugebengu emiphakathini.
UNtuli ukhulume kanje eMlaba Village, eHammarsdale, ngoMgqibelo, lapho ebethamele khona inkonzo yomngcwabo kaMnuz Muzi Mbongwa obeyilungu le-Community Policing Structure (CPS) ebelisebenza ngokuzikhandla kule ndawo.
UMbongwa kuthiwa wadutshulwa ngentululwane yezinhlamvu ngeledlule, ehlaselwa kuyo le ndawo abantu abangaziwa.
Ekhuluma nezethameli emngcwabeni uNtuli uthe iyamkhathaza eyesibalo esilokhu sikhule njalo sokubulawa kwamaphoyisa nabasezinhlakeni zemiphakathi ezilwa nobugebengu.
Uthe okukhathaza kakhulu wukuthi abafi babulawa bematasa nomsebenzi wokulwa nobugebengu.
“Lezi zehlakalo azihlukile nokuthi kuhlaselwa ezokuphepha kanjalo nozinzo esifundazweni,” kusho uNtuli.
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli eduduza amalungu omndeni kaMnuz Muzi Mbongwa, obeyilungu le-Community Policing Structure obulewe
Image: SITHUNYELWE
Ugcizelele eyokuthi ukuncishiswa kobugebengu kubalulekile, wathi kuyalekelela ekutheni abatshalimali babuyelwe yithemba bese betshala imali esifundazweni.
“Ngaleyo ndlela kube sekudaleka amathuba omsebenzi bese kukhula umnotho wesifundazwe,” kusho uNtuli.
Utshele izethameli ukuthi ngeke baphumule kuze kube wukuthi yonke imiphakathi esifundazweni iphephile.
“Esikufunayo wukuthi sibe nesifundazwe esingenabugebengu, lapho abantu bephila khona ngokukhululeka, abamabhizinisi bephumelela namathuba ekhula,” usho kanje.
Edlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMbongwa uthe uyabonga ukuthi ube nesibindi, ezikhandla futhi enza konke okusemandleni ukulwa nobugebengu endaweni.
Ube esegcizelela ukuthi impi yobugebengu kufanele kubanjiswanwe kuyo, wathi izinhlaka ezihlukene ezibandakanya imiphakathi, ubuholi bomdabu kanjalo namaphoyisa kufanele zizibophezele ngokusebenzisana.
Uthembise umphakathi wakule ndawo ukuthi uzoxoxisana noKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ukuthi kuqiniswe ezokuphepha eHammarsdale, amaphoyisa abonakale ehambahamba endaweni, bese kuphinde kuqiniswa neminye imibhidlango yokulwa nobugebengu kulandela izigameko zokudubula endaweni.
“Nginxusa ukuthi izakhamuzi zime namaphoyisa ngokuthi zizibike emaphoyiseni izigebengu ezaziwayo bese zizibandakanya embhidlangweni wokulwa nobugebengu,” kusho uNtuli.
Uthembise ukuthi uzoqinisa imikhankaso yokuletha ukuthula emphakathini.
Ngesikhathi kwenziwa isikhumbuzo saminyaka yonke samaphoyisa abulawa esemsebenzini ezindlini zoMbuso ekuqaleni kukaSepthemba, kwavela ukuthi angu-27 amaphoyisa abulawe kulo nyakamali.
Related Topics: