Izindaba

Sichithiwe esokunyusa izinga lokuphasa liye ku-50% kwa-matric

Mhlengi Shangase|Published

MMUSI Maimane

Image: Parliament of South Africa / Facebook

SICHITHWE yiPhalamende isiphakamiso somholi weBuild One SA (Bosa), uDkt Mmusi Maimane sokunyusa izinga lokuphasa kwa-matric, liye ku-50%, lisuka ku-30%.

Lokhu kulandela ukuthi amaqembu amahlanu okubalwa i-ANC ne-DA, echithe lesi siphakamiso emva kokuba kwaba nenkulumo mpikiswano ngeledlule ngalolu daba.

Lesi siphakamiso bekumele sesekwe noma sichithwe kukhona ingxenye eningi yamalungu ePhalamende, okuyinto eyenzeke ngoLwesibili ebusuku.

UMaimane wayekhale ngokuthi kumele linyuswe izinga ngenxa yokuthi liphansi kakhulu futhi   lehluleka nokulungiselela abafundi ukuya ezikhungweni zemfundo ephakeme.

Ebhala enkundleni i-X emva kokukhala ngaphansi, uMaimane uthe amaqembu amahlanu okuyi-ANC, DA, Patriotic Alliance, Freedom Front Plus, ne-Al Jama-Ah, asichithile lesi siphakamiso.

Uthe: "La maqembu avotele ukugcina izinga lokuphasa elabekwa yiBantu Education. Sihlulekile ukuchitha indaba yokuphasa ngo-30% emfundweni yakuleli." 

Amaqembu aseke isiphakamiso yi-MK Party, EFF, IFP, Action SA, ATM, ACDP, ne-ATM. I-EFF ithe ayifuni kwakhiwe izidomu yingakho ihambisana nokuthi kunyuswe izinga lokuphasa.

UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo, uNksz Siviwe Gwarube, waveza ukuthi uzolinda umbiko womkhandlu omeluleka ngezemfundo ozoyibheka eyokuthi kunesidingo yini sokuthi kubuyekezwe imaki lokuphasa lisuke ku-30%.

UMaimane wanxenxa ikomiti lasePhalamende, ukuthi libize izigcawu ezizohlanganisa ongoti kwezemfundo, izinyunyana zothisha nomphakathi ngomthelela wokuphasa ngo-30%.

Okunye akuveza wukuthi izinga kumele liye ku-50% ukuze othisha baphendule uma behluleka wukuphasisa abafundi ngaleli maki.

"Sifuna imfundo ezokwenza izingane zakuleli zincintisane nezakwamanye amazwe. Ngikholwa wukuthi ukunyusa izinga akusho ukuthi kumele kufeyile izingane," kusho uMaimane.

Wakhala ngokuthi baningi abafundi abalaxaza isikole bangafinyeleli ku-matric uma ubala isibalo sabasale endleleni ababeqale uGrade 1.

UNksz Gwarube wakuchitha ukuthi kuphaswa ngo-30% kwa-matric wathi akulona iqiniso.

Wathi kudingeka ezinye izifundo uziphase ngo-40% okubalwa nolimi lwebele kanjalo nezinye ezimbili.

Wathi kubafundi abangu-724 000 ababhale u-matric ngo-2024, bangu-189 kuphela abathola u-30% ezifundweni zabo wathi sincane kakhulu lesi sibalo njengoba inqwaba yaphasa ngaphezu kwaleli maki.

I-Bosa ithe ayiphelile le mpi izoqhubeka nokuyilwa indaba yokuthi linyuswe izinga lokuphasa.