Izindaba

Isigwebo kumpheki owabulala wadla eduze kwesidumbu

Nkosikhona Cele|Published

UMUFI uNksz Mbali Mokokone owabulawa yisoka lakhe ngonyaka odlule Isithombe: SITHUNYELWE

Image: SITHUNYELWE

UPHUME unxapha eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma izolo umndeni wowesifazane owabulawa yisoka lakhe elingumpheki ngonyaka odlule.

Umufi, uNksz Mbali Mokokone (29) wabulawa yisoka lakhe uMnuz Zimisele Dlulisa (39) esigamekweni esenzeka eMaoti, eNanda, ngonyaka odlule.

Lesi sigameko saba yindaba egudwini njengoba kwavela ukuthi uDlulisa wamklinya umufi waphinde wamgwaza njengoba wayenenxeba elilodwa lokugwazwa entanyeni.

Eceleni kwesidumbu kwatholakala isitini esasigcwele igazi. Kwavela ukuthi bahilizisana kwashuba ingxabano.

UDlulisa kwavela ukuthi wayenga umufi ngokuthi akeze kwakhe lapho ehlala khona eNanda ukuze bezojabulela usuku lukamufi lokuzalwa.

Esembulele kuthiwa waphaka ukudla uDlulisa wadla eceleni kwesidumbu. Kwahlaluka nokuthi izingane zikamufi ezimbili zakubona konke okwakwenzeka ngosuku lwesigameko.

Kuzokhumbuleka ukuthi uDlulisa wafaka isicelo sebheyili kodwa inkantolo yamchitha kulokho.

Eqhulwini wagcizelela ukuthi kumele aphumele ngaphandle ngoba izingane zisele dengwane azinabazali. Laqulwa icala kwaze kwaba liyamgojela.

Izolo inkantolo imgwebe iminyaka engu-18 ebhadla ejele.

Lesi yisigwebo umndeni kamufi okholwa wukuthi sifana noswazi oluncane nje okushaywa ngalo ingane encane uma ikade iganga.

Udadewabo kamufi, uNksz Bongekile Makokone, uthe bayazibuza ukuthi inkantolo ifinyelele kanjani kulesi sinqumo.

Uthe bakhungathekile njengomndeni, bayazibuza bayaziphendula ukuthi umuntu owone kangaka ekhipha umphefumulo womuntu ongenacala kungani engagixabezwanga ngodilikajele.

"Angifuni ukuqamba amanga, asigculisekile futhi kakhulu kabi ngalesi sinqumo. Ibuhlungu kabi le nto eyenziwe yile nkantolo yokuthi ikhiphe isigwebo esingathi shu," kuchaza yena.

Ubuze ukuthi kanti isigwebo sikadilikajele sitholwa ngabantu abanjani uma kuya ngokuthi abasitholi nabakhipha umphefumulo wabesifazane abangenacala.

"Angazi ngempela ukuthi inkantolo icabangeni ize igcine isifinyelele kulesi sinqumo esifana nalesi. Lesi yisigwebo esijabhise umndeni wonke," usho kanjena.

Uthe ngeke bathule bamane bagoqe izandla nje bazosukuma ngoba bakholwa wukuthi lesi sigwebo sicindezela umndeni kamufi.

"Kwaze kwadlalwa ngathi sibuka. Ayikho phela le nto. Umuntu angenza icala elibucayi elinjengaleli kodwa axolelwe ngesigwebo esilula kanjena," usho kanjena.

Ngaphambi kokuba agwetshwe uDlulisa utshele inkantolo ukuthi babubuhle kakhulu ubudlelwano ayenabo nomufi futhi bezithanda izingane zabo.

Ukuphikile ukuthi kwase kuyinsakavukela ukusuka kothuli lwezichwe phakathi kwakhe nomufi.

Lokhu kuyashayisana nokushiwo wumndeni kamufi ochaza ubudlelwano babo njengobebungenayo inqubekela phambili kodwa bephila ngokuklwebhana mihla namalanga.

Okunye umndeni kamufi oshaya amakhala ngakho wukuthi lize laphothulwa icala kungekho fakazi ohlangothini lwabo obiziwe.

Imantshi elingatholakalanga igama layo ikugxekile ukubulawa kwabesifazane ngesihluku.

Ithe lokhu kumele kunqandwe ngoba kukhinyabeza inhlalonhle yabesifazane ethe iningi labo seliphila ngokuthuka izanya.