Izindaba

Uzofaka isicelo sokukhishwa phambili osolwa ngokudutshulwa kwamantombazane

Zimbili Vilakazi|Published

Enkantolo

Image: Sigciniwe

Enkantolo

Image: Sigciniwe

KUZOLALELWA  isicelo sokukhishwa phambili kommangalelwa obhekene necala lokuzama ukubulala amantombazane amabili iNkantolo yesiFunda saseChatsworth, eThekwini.

Lokhu kuze emva kokuthi uMnuz Abdul Karrim ongummeli kaMnuz Mnqobi Shandu etshele inkantolo ukuthi ufuna ukufaka isicelo sokuthi ikhasimende lakhe likhishwe phambili ecaleni.

UShandu, ungumshana wowayeyikhansela laseMkhambathini elabulawa ngesihluku eMlaza, uMnuz Mzwandile “Nganono” Shandu ngoSepthemba 2023.

Ngesikhathi edutshulwa uShandu (ikhansela), wayebuya enkantolo ecaleni lokuzama ukubulala laba abagilwa baleli cala elisaqhubeka enkantolo njengamanje. 

Babekwa amacala amathathu okungelokugqekeza umuzi ngenhloso yokwenza icala kanjalo namabili okuzama ukubulala. 

Elokuzama ukubulala kuthiwa balenza ngesikhathi bedubula u-Amahle Nene owayeneminyaka engu-16 ngo-Agasti 2021 ngesikhathi kwenzeka icala kanjalo noSnethemba Nzama owayeneminyaka engu-14 ngaleso sikhathi.

Okuhlaluke enkantolo ukuthi abasolwa ababili bagasela kubo kwabagilwa eMid-Illovo ngesikhathi bebuya esikoleni, bababuza ukuthi uphi umkhulu wabo.

Kuvela ukuthi ngesikhathi abagilwa bezama ukuphusha isicabha sekamelo ababebaleke bayozivalela kulo, abasolwa kuthiwa badubula bebhekise ngaphakathi.

Kuthiwa u-Amahle wadubuleka ngemuva wawa, kwathi uSnethemba wadubuleka esiswini kanjalo nasesihlakaleni waze wakhubazeka isandla.

U-Amahle kuthiwa wahlala esibhedlela izinyanga ezimbili ngesikhathi uSnethemba ahlala ezine ezibhedlela ezimbili ezehlukene.

USnethemba oseneminyaka engu-18 manje, ngesikhathi ethula obakhe ubufakazi utshele inkantolo ukuthi abasolwa akazange ababone ebusweni njengoba babadubula isicabha sivaliwe.

Uphinde watshela inkantolo ukuthi esedutshuliwe yena, wawa ngobuso wabheka phansi.

“Ngaleso sizathu angizange ngibabone ukuthi babebukeka kanjani ebusweni,” kusho uSnethemba.

Uphinde watshela inkantolo ukuthi akakwazanga ngisho nokuwafanisa amazwi abo yize bayiphimisela inkulumo ethi: “Vulani umnyango, uphi umkhulu wenu?”

Enza isicelo uKarrim uthe: “Ngizofaka isicelo sokuthi ikhasimende lami likhishwe kuleli cala ngoba akukho okulihlanganisa nalo.”

Isicelo sikaKarrim size emva kokuthi iMantshi uNkk Mazibuko-Dlamini eshaye amakhala ngobufakazi bukaWarrant Officer Sifiso Longuane, ongumphenyi wecala.

Umphenyi ngesikhathi ethula ubufakazi eholwa umshushisi woMbuso onqabile negama lakhe, utshele inkantolo ukuthi abasolwa ababili baboshwa ngaphandle kokuthi abagilwa babakhombe.

Uphinde waveza ukuthi ngesikhathi beboshwa yena asikho isitatimende ayesesithathile ku-Amahle.

Uveze ukuthi yena wanikwa icala emva kokuthi umndeni wabagilwa uhambe wayokhalaza ekomkhulu lamaphoyisa esifundazwe.

“Idokodo ngalithatha ngoDisemba 20, 2021, abasolwa bababoshwa ngoDisemba 28, 2021,” kusho umphenyi othe ngesikhathi beboshwa wayekhona.

Utshele inkantolo ukuthi ukuboshwa kwabo kwenzeka njengoba ayelandela umyalelo wabaphathi bakhe ababemnike idokodo.

“Lalinomyalelo owawuthi angibophe ababegagulwe edokodweni,” kusho umphenyi.

Uqhube wathi ngesikhathi beboshwa wayengekho u-Amahle ukuze kwenziwe uhlelo lokukhomba.

“Ngayizwakalisa kumphathi wami uColonel Ngcobo eyokuthi ngikhathazekile ngokuthi abasolwa baboshwe ngaphandle kokuthi kwenziwe lolu hlelo. Nokho wathi ngeke kuchithwe izinsiza zikahulumeni ukuyokhomba abasolwa ngoba izingane (abagilwa) ziyabazi,” kusho umphenyi.

Uthe akabange esaqhubeka nalo ngoba kwakusobala ukuthi kwakuzofanele ashaye iphakethe lakhe ngoba wayengeke ayinikwe imali uma uNgcobo esekhulume kanje. 

Ngesikhathi iMantshi uNkk Mazibuko-Dlamini emhloma imibuzo ngokuthi kwenzeka ukubopha ekubeni abasolwa bengakhonjwanga abagilwa, uthe naye wayekhathazekile ngalokhu. 

“Ngokwami, kwakufanele lwenziwe uhlelo lokukhomba ngoba uma umgilwa ethi ngidutshulwe usibanibani, kufanele ayomkhomba ukuze kuqinisekiswe ukuthi nguyena ngempela ngoba kungenzeka babe baningi abantu abanegama nesibongo okufanayo,” usho kanje.

UNkk Mazibuko-Dlamini uphinde wazwakalisa ukungayizwa kahle eyokuthi waze wabopha engazange asithathe isitatimende ku-Amahle.

Uthe noma eveza ukuthi wake wazama ukuthi amhlome imibuzo u-Amahle kodwa watshelwa ukuthi nakuba ayesephumile esibhedlela kodwa usasesimweni esibucayi, ngeke akwazi ukukhuluma.

UNkk Mazibuko-Dlamini ukhale ngokuthi umphenyi wahluleka ukuthatha isitatimende ukusuka ngaleso sikhathi kuze kuba kusongwa konke ukuqoqwa kobufakazi, icala liqala ukuqulwa enkantolo ngoJulayi 2022.

“U-Amahle wahlala esibhedlela ngoSepthemba no-Okthoba 2021. Ngesikhathi unikwa idokodo ngoDisemba 2021, wayesephumile esibhedlela kodwa awuzange usibone isidingo sokuthi wenze olwakho uphenyo kuye yize ayesephumile esibhedlela,” kubuza uNkk Mazibuko-Dlamini.

Umphenyi wathi kuningi okwakuyizingqinamba ngecala, okufaka phakathi ukuthi kwayethatha imiyelelo kubaphathi bakhe, kokunye eyayibuye imnqinde amandla, waze wacela ukuthi lisuswe ohlwini lwamadokodo ayenikwe ukuthi awaphenye.

Umthombo ocele ukungadalulwa uzwakalise ukubadabukela abagilwa wathi kubukeka bengeke babuthole nhlobo ubulungiswa njengoba uthe ukuboshwa kukamsolwa ophambi kwenkantolo njengamanje kanjalo nalowo owayeyikhansela owabulawa, kwakungafanele.

Uthe ukulimala kwabagilwa kuyamene nezingxabano zomndeni wabo nomunye umndeni osendaweni.

“UNganono noMnqobi bazithola begaxela kuleli cala ngoba babephusha eyokuthi kuboshwe amalungu ale mindeni yomibili njengoba yayikhathaza ngobugebengu bokubulawa kwabantu eMid-Illovo.

Udalule ukuthi uMnqobi njengoba ehamba leli cala, kukhona amanye ayisithupha okukhona kuwo awokubulala nawokuzama ukubulala aphume phambili kuwo.

“Ubevele afakwe nje kulawo macala, ekubeni ingekho into emhlanganisa nawo, lithi uma seliqhubeka enkantolo, limkhiphe phambili. Nakuleli, kwenzeka okufanayo,” kusho umthombo.

Uthe basola ukuthi kukhona abantu abakhokhela amaphoyisa ukuze kuvikelwe abasolwa bangempela, bangaboshwa.

Ubalule nokuthi uyise woyedwa wabagilwa uphila ngokucasha njengoba efunwa ngamaphoyisa ngamanye amacala abucayi. Uthe kubukeka abagilwa bengeke babuthole ubulungiswa ngoba amaphoyisa alonile icala.