Izindaba

Kuhlehle isigwebo ummeli ephuthuma inkinga ekhaya

Nomonde Zondi|Published

INkantolo yesiFunda ePinetown

Image: Sigciniwe

Ukugwetshwa kwabesilisa abathathu okukhona kubo uMnuz Nkosingiphile Gumede odonsa isigwebo ngecala lokubulala ikhansela le-ANC uMnuz Sibusiso Maphumulo, kuhlehlisiwe eNkantolo yesiFunda ePinetown ngoLwesibili ekuseni.

UGumede noSthabiso Thusi noScelokwakhe Xulu bebezogwetshwa ngoxhaxha lwamacala odlame okubalwa awokuzama ukubulala, ukubamba inkunzi, ukutholakala nesibhamu nokutholakala nezinhlamvu ezingekho emthethweni.

Indlela yalaba abathathu yayihilela ukukhomba nokugebenga abantu ababekhiphe izizumbulu zemali kuma-ATM, ngokuvamile babezidubula izisulu zabo. Isibhamu esasetshenziswa ekuzameni ukubulala yisona sibhamu uGumede abulala ngaso uMaphumulo ngo-2018. Ukuhlehlisa kwenzeke ngoba ummeli wabammangalelwa, u-CS Mendlula, ubengekho. Umshushisi omkhulu woMbuso u-Adv Elvis Gcweka utshele inkantolo ukuthi uMendlula useManguzi, kulandela ukuvela kwesifo emndenini wakhe.

Ekuqaleni imizamo kaGcweka yokuxhumana noMendlula ayizange iphumelele.

UGcweka ucele iMantshi uMuntukayise Khumalo ukuba ilihlehlise kafushane icala, uKhumalo wavuma. Ngesikhathi leli cala libuyela, uGcweka ubikele inkantolo ukuthi ukwazile ukuthola uMendlula. "UMendlula akekho enkantolo, uveza ukuthi kukhona isifo emndenini. Akekho isonto lonke," esho.