Izindaba

Bafe ujuqu abasolwa ngokubamba imoto yemali eMkhambathini

Nonkululeko Nhlapo|Updated

Indawo yesigameko lapho kudutshulwe khona abasolwa abane

Image: Sicashunwe ku-video ye-enca

Kushone abasolwa abane okugetshengwa kwezimoto zemali ngesikhathi abasolwa bedubulana namaphoyisa kanye neMagma Security and Investigations ngoLwesithathu ngaseCamperdown. UShaheen Suleiman, ongumnikazi weMagma Security and Investigation, okhulume nabe-The Witness uthe sekunesikhathi belandela umkhondo wabasolwa, kusolakala ukuthi bagebenge imoto yemali eBulwer.

Onogada behambisana  namaphoyisa ngesikhathi bevimba imoto yohlobonlweSuzu omhlophe ebihamba abasolwa.

Abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni nonogada, bashona ngesikhathi sokudubulana. Kutholakale izibhamu, iziqhumane kanjalo nemali.