Esinye izibhamu esitholwe kumsolwa
Image: SAPS
NgoLwesibili, amaphoyisa KwaZulu-Natal abophe umsolwa oneminyaka engu-35 ubudala eVerulam ngokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe kanye nelokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni.
Ngezithuba zabo-11:00 ngoLwesibili, inkampani elandela umkhondo wezimoto icoshe uphawu lwemoto eyebiwe iphuma eMlaza ilibangise enyakatho ihamba ku-N2.
Le nkampani ijahe le moto izama ukuyivimba kwangenelela amaphoyisa. Kuthe sekungenelela inkampani yonogada ezimele eVerulam izama ukumisa le moto, umgibeli obengaphakathi uvulele ngenhlamvu ebhekise konogada kwalimala unogada oyedwa emlenzeni. Abasolwa baqhubekile nokubaleka kodwa bagcine bebanjwe eClerence Park ngamalungu eProvincial Task Team kanjalo neDurban K9. Abasolwa bashiye imoto babaleka ngezinyawo bangena ehlathini.
Ukuhlolisiswa kwemoto eshiyiwe kuholele ekutholakaleni kwesibhamu esisodwa (1) esinezinhlamvu ezingaphezu kwekhulu (100). Amalungu e-K9 angene ehlathini ethungatha abasolwa. Ngesikhathi kuseshwa, kuboshwe umsolwa oyedwa obephethe isibhamu sohlobo lwe-AK47 nezinhlamvu ezingamashumi ayisithupha (60). Umsolwa oboshiwe uzothweswa icala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nokutholakala nempahla okusolakala ukuthi yebiwe. Uzovela eNkantolo yeMantshi yaseVerulam ngoLwesithathu, 3 November 2025. Amaphoyisa asathungatha umsolwa wesibili.
Isibha
Image: Saps