Izindaba

'Sibeka phambili abakuleli uma siqasha kuhulumeni'

Mhlengi Shangase|Published

UNGQONGQOSHE womnyango weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, Inkosi Mzamo Buthelezi

Image: Sithunyelwe

UMNYANGO weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha usuveze ukuthi ubeka phambili abantu bakuleli uma kuqashwa kwahulumeni.

Lo mnyango uthe abantu bokufika abaqashwe eminyangweni kahulumeni bayingcosana.

UDkt Anusha Naidoo walo mnyango, uveze ukuthi babalelwa ku-0.44% abantu bokufika abaqashwe kuhulumeni.

"Sibhekela abantu bakuleli kuqala uma siqasha kahulumeni. Kunemigomo esingeke singayilandeli njengoba siyingxenye yamazwe akwi-G20. Kwabona abantu bokufika baqashwa uma kungukuthi banekhono elithile elishodayo kuleli."

Ukusho lokhu ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wokulwa nenkohlakalo eminyangweni kahulumeni.

UNgqongqoshe womnyango Inkosi Mzamo Buthelezi, uthe kushile kulabo abalahlwe amacala enkohlakalo.

Uthe ngeke besakwazi ukuvumbuka kweminye iminyango uma belahlwe amacala afuze lawa.

"Kuphelile ukuthi umuntu alahlwe icala lenkohlakalo emnyangweni othile, bese umbona eseqashwe komunye umnyango. Sekuzoba nomqulu ozoba namagama abo bonke abalahlwe amacala enkohlakalo."