Izindaba

Ngiyoyixoxela amagwababa echobana eyokugilwa ngabakhongi

Distance Gumede|Published

Kuze kwahlwa belinde abakhngi namabheka

Image: Pexels

Umbuzo

MAGUMEDE ngisenkingeni lapha dadewethu, ngiphoxwe yisoka lami leminyaka. Lo bhuti ubethembise ukuthi uzoletha abakhongi ekhaya ngeviki eliphelile nangempela ngabikela abadala kwalungiswa kwathengwa yonke into, ngikutshela ukuthi abazange bafike abakhongi kwazise ugcine engasatholakali ocingweni lakhe.

Ngosuku abebezofika ngalo ekuseni ngimfonelile wathi sebesukile kodwa ngibone kushaya ihora lesishiyagalolunye bengafiki ngafona futhi wathi bayeza, emva kwalapho angiphindanga ngamthola.

Angikaze ngiphoxeke kanje empilweni yami, manje uthi yena ubezidlalela akanayo kwamali yabakhongi leyo. Ngiphatheke kabi ngiyinhlekisa nasemndenini wami. Ngcela ungibonise ngidlula kanjani kuleli hlazo?

Impendulo

NGIYATHEMBA njengoba ungibhalela nje awusathandani naloyo sathane ngoba inhloso yakhe bekukuthi abukise ngawe kini, ukwenzile ke kwaphumelela kulungile. Kodwa phuma kuyena ngoba akanangqondo akazazi nezinto zokudlala.

Okwamanje kusazoba nzima ukuthi kudlule futhi nasendaweni usazoba yinhlekisa.

Kodwa akukho okungadluli. Ngiyazwelana kakhulu nawe ngobuhlungu obhekene nabo. Ngiwuwena ngabe angisaxhumani nalo mlisa ngoba kuyacaca akakaze akuthande.