Kuphazamiseke ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa amaphoyisa ashaqe abantu abathathu enkantolo
Image: Sigciniwe
Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi likhona icala lokwakha itulo lokubulala elibhalisiwe mayelana necala lokubulala uSenzo Meyiwa eliqhubekayo. Iziphathimandla zithi ziyalazi iqeqebana labantu abazenza abazothamela leli cala ngenhloso yokukhomba ababambiqhaza ababalulekile. Lokhu kulandela isigameko lapho amadoda amathathu ekhishwe enkantolo ukuze aphekwe ngemibuzo futhi ahlonzwe ngabomthetho. Amaphoyisa ayaqhubeka nokusiqapha ngeso lokhozi isimo futhi anxusa noma ngubani ongaba nolwazi ukuba aphumele obala.
Kuphoqeleke ukuba icala lihlehlele uLwesithathu.