Isibhamu
Image: Sigciniwe
KWEMBULWA kwembeswa esibhedlela kunogada okuthiwa usinde edutshulwa amahlandla amaningi yizigebengu ebezibamba inkunzi emtholampilo waKwaCaluza, eMgungundlovu, ngoMgqibelo.
Ngokuthola kweSolezwe, umgilwa (43) ubesemsebenzini ngesikhathi kugasela abasolwa ababili bezobamba inkunzi.
Kuthiwa abasolwa baphuce abahlengikazi amaselula, bebakhombe ngezibhamu.
Kuvela ukuthi ngesikhathi sebebaleka namaselula okwebiwa, baqhumise izibhamu, kwadubuleka unogada amahlandla amaningi.
UMphathiswa woMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Nomagugu Simelane uthe umnyango uyasigxeka kakhulu lesi senzo.
Uthe unogada owehlelwe wumshophi, osale nenqwaba yamanxeba okudutshulwa usesimeni esibucayi.
“Njengamanje uyelashwa okubandakanya ukuhlinzwa. Amathimba ezempilo asebenza ngokuzikhandla ukuhlenga impilo yakhe,” kusho uNksz Simelane.
Egxeka isigameko uthe sikhombisa ubulwane, wasifanisa nempi emelene nokuthi imiphakathi ithole usizo lwezempilo endaweni ephephile.
“Le nhlobo yesihluku ayinayo indawo emiphakathini yethu. Ukuhlaselwa kwezisebenzi zezempilo kanjalo nonogada, kuyafana nokuhlasela ezempilo zonkana kanjalo nomphakathi uqobo,” kusho uNksz Simelane.
Unxuse zonke izinhlaka zomthetho ukuthi zenze konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi abasolwa abenze lokhu bakhalelwa amasongo kaSigonyela bese kwenzeka ubulungiswa.
Uzwakalise okukhulu ukukhathazeka ngabasebenzi ababone kwenzeka isigameko, wathi bathikamezekile emqondweni kodwa bazoluthola usizo lokwelulekwa ngokwengqondo.
“Bethuke kakhulu futhi bathikamezekile emqondweni. Sizoqinisekisa ukuthi bathola lonke usizo lokwelulekwa abakudingayo,” usho kanje.
Uthe umnyango uzoqhubela nokuqapha isimo sikanogada olinyaziwe, wathi ngemicabango nangemikhuleko bakanye nomndeni wakhe ngalesi sikhathi esinzima.
Related Topics: