UMPHATHISWA woMnyango wezezimali uMnuz Francois Rodgers, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli noMphathiswa woMnyango wokuThuthukisa uMnotho, ezokuVakasha nezokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi esithangamini sabezindaba eThekwini, ngoMsombuluko
Image: SITHUNYELWE
KUZOQHILIKA izihlathi ebantwini abebeke imali yabo ebhange likahulumeni eselavalwa Ithala, kulandela ukuthi uMgcinimafa esekhulule isamba semali yabo elinganiselwa ku-R2.2 billion.
Lokho kudalulwe nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, esithangamini sabezindaba abesenzele eThekwini, izolo. Uqinisekise ukuthi abantu bazobuyiselwa imali yabo ngaphambi kukaKhisimuzi wanonyaka.
Bangaphezu kwa-250 000 abantu abebelinde imali eThala kusukela ngo-2023, ngenkathi uphiko lweBhange loMbuso iPrudential Authority (PA) lunquma ukuvala wonke ama-akhawunti abo, kwanqunywa nokuthi leli bhange liyavalwa.
UNtuli uthe ukukhululwa kwale mali kusho ukuthi wonke amakhasimende abegcine imali yabo eThala azonikwa okungokwawo.
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnz Thamsanqa Ntuli, esithangamini sabezindaba abesibize eThekwini, izolo
Image: SITHUNYELWE
"Kuyintokozo enkulu ukumemezela ukuthi sesifike esigabeni lapho osekuphethwe khona zonke izivumelwano malungana nalolu daba okuzokwenza ukuthi kuqale uhlelo lokubuyisela abantu imali yabo. Lokhu kuzokwehlisa umthwalo ebantwini nakuhulumeni uqobo, bese futhi kuqinisekisa ukuthi abantu bathola imali yabo ungakashayi uKhisimuzi," usho kanje.
UNdunankulu uxolisile ebantwini, isemabhizinisini nakubona bonke abathikanyezwe yilesi simo, wase ethembisa ukuthi uhulumeni uzoqinisekisa ukuthi into enjena ayiphinde yenzeke.
Uchaze Ithala ngokuthi bekungelona ibhange elifana namanye, kepha ebeliwusizo kakhulu esifundazweni ukuqinisekisa ukuthi abantu bagcina futhi batshale imali yabo ngendlela efanele, nobekusiza ukukhulisa umnotho.
Uthe Ithala liyohlale linomlando osemqoka weqhaza elilibambile ukweseka osomabhizinisi abaziwayo, abasafufusa nomphakathi nje wonkana ngezezimali.
UMphathiswa woMnyango wezeziMali, uMnuz Francois Rodgers, yena uthe ngale kwale mali ezobuyiselwa ebantwni, Ithala belinemali ewu-R1 billion engeyalo, kube wu-R1.9 billion osemabhukwini ezikweletu no-R3.5 billion wempahla yalo.
Izinkinga zeThala ziqale ngo-2022 ngenkathi iPA imemezela ukuthi yayingeke isayivuselela inkontileka yokusebenza kwalo, eyayivumela ukuthi likwazi ukusebenza njengebhange elizimele libe lingenazo izincwadi ezigunyaza lokho.
Kuthe ngenkathi lezo zincwadi zokugunyaza lokho ziphelelwa yisikhathi ngo-2023, kwacaca ukuthi lase lisebenza ngokungengemthetho, okwaholela ekutheni kubanjwe yonke imali ebibekwe kulona, kwangavunyelwa muntu ukuyifaka noma ukuyikhipha.
Isimemezelo sikaNtuli kulindeleke ukuthi sijabulise abantu abaningi abagcine imali yabo eThala abebehlale beshayela Isolezwe bebuba ngokusingathwa kodaba lwaleli bhange. Iningi belihlale likhala ngokuthi impilo imile ngoba alikwazi ukuthola imali eliyilondolozile. Nosomabhizinisi abancane nabakhulu bakhihla esikaNandi ngokungakwazi ukuqhubeka nokuboleka imali eThala njengoba belaziwa ngokubabhekelela.