Izindaba

Bafe ujuqu abasolwa bebhekene namaphoyisa eManguzi

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kuzophenywa ngesibhamu samaphoyisa esitholwe kubasolwa abafile

Image: SAPS

Abasolwa abathathu badutshulwe balimala kabi kwalimala abanye abathathu ngesikhathi bedubulana namaphoyisa endaweni yasePhelandaba eManguzi ngeSonto.

Amaphoyisa abethungatha abasolwa abebefunelwa amacala amathathu okubulala enziwa eManguzi ngo-2023 nelinye elokubulala elenzeka eNgwavuma ngo-Okthoba 2025.

Amaphoyisa athole umbiko wezobunhloli ukuthi abasolwa abebefuneka basePhelandaba okuthe uma amaphoyisa efika kubo abasolwa badubula bebhekise emaphoyiseni.

Ukuze azivikele bona nezinye izakhamuzi ezingenacala, amaphoyisa aphendule ngenhlamvu kwase kuba nokudubulana.

Ngesikhathi sokudubulana, abasolwa ababili badutshulwe bafa endaweni yesigameko. Abasolwa abane baphuthunyiswe esikhungweni sezempilo esiseduzane lapho kutholwe khona umsolwa oyedwa eshonile.

Kutholwe izibhamu ezimbili kubasolwa. Esinye sazo sadalulwa kancane kwathi uphenyo lokuqala luveza ukuthi esinye isibhamu samaphoyisa okwabikwa ukuthi esalahleka eNewlands East ngo-April 2009.

Amarekhodi amaphoyisa aphinde aveza ukuthi sona leso sibhamu satholwa esiteshini samaphoyisa eNhlanhleni ngo-2010 kanti uphenyo lusaqhubeka ukuze kutholakale ukuthi lesi sibhamu saphinde satholakala kanjani.

Labo abazotholakala benecala ngobudedengu nanoma yisiphi isenzo sobugebengu bazobhekana nengalo yomthetho.