UDINEO Ranaka enesoka lakhe elingaziwa
Image: FACEBOOK
UMSAKAZI weMetro FM, uDineo Ranaka, ushiya abantu abaningi bemangele ngesoka lakhe elisha.
UDineo, osakaza uhlelo lweTop 30 kwiMetro FM ngoMgqibelo ngo-9 ekuseni, ufake i-video lapho abegomothene khona nesinqandamathe sakhe.
Le-video beyihambisana nombhalo othi "Impilo Emnandi Ifikile" kanye nephimbo elithi "Futhi uma ushada umngani wakho, shada umuntu owumngani wakho, omaziyo, othanda ukuchitha naye isikhathi nindawonye, ohlale unaye, impilo imnandi, ujatshuliswa ukuba naye, uyakuhlekisa, kuyinjabulo ukuba naye ngoba uyazi kungani kunjalo. Impilo inzima, isimo somnotho sinzima, intela iphuma esandleniabantu abasemazingeni aphansi bayaqhubeka nokudla imbuya ngothi. Into yokugcina oyidingayo wukufika ekhaya kunomuntu ongamkhonzile..."
Bekungekhona okokuqala uDineo ethula kubalandeli bakhe lo mlisa ongaziwa. NgoMeyi, umvezile kumaMetro FM Music Awards ehamba naye, futhi abalandeli bakujabulela lokho.
UDineo ubehlale ephumela obala ngempilo yakhe yangasese futhi ehlale esezindabeni. Ngonyaka odlule, wachaza ngokuphela kwemishado yakhe.
Khonamanjalo sekumi ngomumo ngomcimbi weMetro FM, iHeatwave eseKings Park Stadium Outerfields, eThekwini ngoNovemba 29. Kwabazobe beshiyelana inkundla kukhona uKelvin Momo, Somizi, Lootlove, TboTouch, Sizwe Mdlalose, Polo B, Lulo Cafe, Usimamane, Zee Nxumalo, Kamo Mphela, Thuli P, Big Zulu, DJ Sox, Goldmax, Skillz, Naked DJ.Gatsheni, Mthandeni SK, Umafikizolo, Mdumazi noLimit kanti umsakazi woKhozi FM, uZimiphi "Zimdollar" Biyela uzobe engomunye wabaphathi bohlelo.
Amathikithi asatholakala ezitolo zaseSpar naseTicketPro ngemali esukela ku-R180 kuya ku-R6 000.