UDLUBHEKE ubuyela eNkantolo yeMantshi yaseNquthu namhlanje
Image: FACEBOOK
KUZOCACA namuhla ukuthi umculi kamaskandi, uBukelani "Dlubheke" Khuzwayo, uyayithola yini ibheyili noma uqhubeka nokubhadla esitokisini saseWestville, eThekwini.
UDlubheke uzobuyela eNkantolo yeMantshi yaseNquthu namhlanje ngenhloso yokufaka isicelo sebheyili okwesibili. Ngenyanga eyedlule uDlubheke (31) uhlangabezane nembibizane eyofaka isicelo sebheyili okokuqala ethola ukuthi emacaleni amane abhekene nawo sekwengezwe amanye amabili okubulala aphenywa ngamaphoyisa aseGauteng.
Isolezwe lathola ngephoyisa elingagunyaziwe ukukhuluma nabezindaba ukuthi uDlubheke usesolwa nangokubulala owesilisa oseyibhungu eGoli, okuthiwa kwenzeka ngoJanuwari 1, 2022 nenye indoda yaseKatlehong, ngoNovemba 27, 2024. Ngakho amacala asebekwe uDlubheke aseyisithupha.
"Amaphoyisa ayehla ayanyuka naye ngenxa yokuthi akubonakali kungalunga uma engatoka eNcome noma eVryheid, ngenxa yamacala abhekene nawo. Njalo enkantolo ufika namaphoyisa avale ubuso, okuyiwona ehla nawo njalo uma eza ecaleni," kusho umthombo.
Kuvela ukuthi kusacutshungulwa ukuthi la macala uzowaqula ngaziphi izinsuku njengoba esezinkantolo ezahlukene.
Lo mculi uqale ukubingelela inkantolo ngo-Okthoba, emuva kokuzinikela emaphoyiseni aseDurban North, eThekwini, ngenxa yokuthinteka emacaleni amabili okubulala namanye amabili okuzama ukubulala. Imithombo yathi wazinikela emuva kokulunywa indlebe ngokuthi uphiko lwamaphoyisa i-NIU lumfuna phansi phezulu.
Kuthiwa okwamthusa kakhulu ukuzwa ukuthi amaphoyisa aseGauteng asedubule abulala uZamani Ngila Ximba waseQhudeni, esigamekweni esenzeke eDuduza, Ekurhuleni, ngoSephthemba, ngo-12 ebusuku. UXimba ubesolwa ngokubhuqabhuqa ngenhlamvu abantu, okukhona kubo nowayeyilungu elimele i-IFP ePhalamende, uMnuz Khethamabala Petros Sithole (67).
Isitatimende samaphoyisa aKwaZulu-Natal, sithe ukuboshwa kukaDlubheke kumayelana nesigameko esenzeka ngoNovemba 12, 2023, sokuhlaselwa kwamadoda amane akwaSithole eQhudeni, ayesemotweni emhlophe eliqhamukisa eNtinini, eBabanango, elibangise emakhaya.
Siqhuba isitatimende, sithe abagilwa ababili basindiswa ukubaleka endaweni yesigameko, kwathi abanye bagcina bedlulile emhlabeni ngenxa yokulimala kabi.
Kwenzeka lokhu nje, uDlubheke ubesanda kuveza ukuthi usephilisa okwenyamazane ngenxa yokubona engaphephile.
Le nsizwa yakhala ngokudeze iyamaniswa nezigameko zokubulawa kwabantu, kokunye ize iboshwe kodwa kungenzeki igcine ibekwe icala.
Ekhuluma kwiClean Governance Podcast, uDlubheke wasola abantu bangakubo athi bamqhatha nabaseMsinga naseTembisa. Wathi useke wakhalelwa ngamasongo kaSigonyela ngoba esolwa ekubulaweni kwabantu abangaphezu kweshumi.