Izindaba

Indida ethola isigwebo sentambo engekho enkantolo owayengumengameli

Nonkululeko Nhlapo|Published

Owayengumengameli waseDR Congo uJoseph Kabila yize engaziwa ukuthi ukuphi unikezwe isigwebo sentambo yinkantolo yombutho wamasosha

Image: John Wessels/AFP

Owayengumongameli waseDR Congo ugwetshwe intambo ngamacala empi, nokuvukela umbuso.

UJoseph Kabila owabuyela ezweni lakubo e-DR Congo ngoMeyi ngemuva kwesikhathi eside esekudingisweni, nokho akwaziwa ukuthi ukuphi njengoba egwetshwe engekho enkantolo.

 Amacala akhe athinta izinsolo zokuthi ubeseka i-M23, iqembu lamavukelambuso eselenze umonakalo esifundeni esisempumalanga yezwe. UKabila ulahlwe yinkantolo yamasosha ngoLwesihlanu ngamacala okuvukela umbuso, ubugebengu obubhekiswe abantwini, namacala empi, ahlanganisa ukubulala, ukuhlukumeza ngokocansi kanye nokuvukela umbuso. Uwaphikile amacala, kodwa akazange avele enkantolo ukuze aziphendulele.

Wenqaba ukuba yingxenye yokuqulwa kwecala wathi “alinangqondo” futhi wathi izinkantolo zazisetshenziswa “njengethuluzi lengcindezelo”.

Inkantolo iphinde yamyalela ukuthi akhokheaaa inhlawulo ka-$33bn (£25bn). Omunye wabasekeli bakhe nowayengungqongqoshe, u-Kikaya Bin Karubi, utshele uhlelo lwe-BBC Newsday ukuthi lonke leli cala “bekungathi imidlalo yaseshashalazini” futhi kuyisibonelo sobudlova bukamengameli uFélix Tshisekedi. Uthe inkantolo ayikabuboni ubufakazi obuhlanganisa uKabila namavukelambuso i-M23. Umholi we-M23 uBertrand Bisimwa ubhale ku-X ukuthi lesi sigwebo siwukuphulwa kwezingxoxo zokuthula ebeziqhubeka nohulumeni. UKabila, 54, uhole i-DR Congo iminyaka engu-18, ngemuva kokungena esikhundleni sikayise uLaurent, owadutshulwa wabulawa ngo-2001.

Okwamanje akwaziwa ukuthi ukuphi.