USOLWAZI uSiphamandla Zondi we-University yaseJohannesburg
Image: SITHUNYELWE
SEKUSUKE esikhulu isidumo ngamazwi kaMengameli Ramaphosa etshela amakhansela e-ANC ukuthi omasipala ababuswa kahle ngabaphethwe yiDA hhayi i-ANC.
Kwavuka umbhedukazwe ngaphakathi nangaphandle kweqembu. Sebekhale ubumayemaye ababona ukuthi uMengameli uphakamisa amandla eDA sekusele izinyangana nje siye okhethweni lohulumeni basekhaya.
Bakhala ngokuthi lokhu kuphawula kuqhakambisa ukuphatha kweDA, kufadabalisa ukuphatha kwe-ANC.
Ngisho nabe-EFF bathi lokhu kusiqhatha nabelungu ngokuncoma bonaekubeni behlupheka abantu ezindaweni abahlala kuzo eKapa lapho sekubuse khona iDA isikhathi eside.
Bathi alibusi kahle leli qembu ezindaweni zabadla imbuya ngothi njengakoCape Flats lapho kugcwele khona amakhaladi nakoNyanga naseGugulethu kwezabansundu izindawo. Baze basho nokuthi iGoli neTshwane layihlula iDA yaze yakhishwa emandleni.
USihlalo we-EFFuthi inkulumo enje yakha isithombe eseseka umbono wokuthi kwakungcono kusaphethe umbuso wobandlululo nokuthi abelungu baphatha kangcono kunabansundu.
Omele leli qembu ePhalamende, uSinawo Thambo, naye uvele ezinkundleni zokuxhumana ethi uKhongolose uma esho kanje ukhomba ukuthi ufuna ukubuyisela izintambo zombuso emabhunwini.
Baningi abaphawule ngokuthi le nkulumo ifadabalisa amathemba kubavoti, emalungwini, nakozibonda abavela kwi-ANC. Kunokubakhuthaza ukuthi benze kangcono njengoba bekuhleliwe lokhu kungabaqeda amandla nogqozi.
Le nkulumo yenziwe emhlanganweni obuhlanganise ozibonda bakaKhongolose ezweni lonke enkundleni yezemidlalo eGoli ukuzobacija ngomsebenzi kaKhongolose komasipala.
Njengenjwayelo, yiqembu leli livamisile ukuvuma izono zalo, likhulume ngesibindi ngobuthakathaka balo. Izingqungquthela zalo zihlala zinakho lokhu kokuvuma amacala. Kuyancomeka lokhu ngoKhongolose ukuthi uyazivumela ukuthi sewagubuzelwa yifu lokukhwabanisa. Usuhamba phambili kulokhu njengoba kwasho yena uMengameli wayo phambi kwekhomishini eyayiphenya ngokukhwabanisa phansi kweso likaMahluleli uRaymond Zondo.
Laphinde lazichaza ngokwehluleka kwalo ukufukula umnontho, ukunqoba inhlupheko, ukufeza izinhlelo zezwe unyaka nonyaka.
Lokhu akuvezi nje ukukhula nokuqina kweqembu kodwa kubonisa nobuhlakani. Uma abaholi beveza ukuthi bayabona la bengahambisi kahle khona kukhona kweizakhamuzi abazobaxolela babanike ithuba elinye.
Kodwa kuwukuziphakamisa ukwenza sengathi awonanga ube uhlulekile wukuphucula impilo yabantu, ukuletha izinsiza, nokufula umnotho. Abantu bayabona, bayazi ukuthi konakelephi.
Kodwa lokhu akulisizi leli qembu uma livuma izono zalo bese lingaguquli ukwenza kwalo. Ngalokho ligcina liphindaphinda ukuvuma izono nokona futhi. Lokhu kwenza okunesibindi kugcina kuwubuwula emehlweni ezingqapheli. Ukuxolisa akuzi ngokukhuluma kuphela kodwa nangokuguqula izenzo.
UKhongolose usuthembise kaningi ukuzikhipha amakhizane wahluleka yonke le minyaka. Kuyobanzima ukuthi abantu ababone lokhu bathembe uma usuthembisa okufanayo.
Izingqungquthela zeqembu kuya emuva ko-1997 zithembisa kakhulu ukuthuthukisa ukwenza namakhono eqembu kodwa kwangenzeka. Akusazolisebenzela ukuthembisa futhi namanje ngoba kuzoba sengathi likhankasela ivoti lalo eselifekela kule minyaka.
Kodwa abakhale kakhulu ngokuphawula kukaMengameli abeqembu lakhe abathi unika amandla i-DA esizozincoma ngamazwi akhe manje emikhankasweni yayo yokhetho.
Bathi lokhu kukhuluma kwehlisa ithemba kubavoti beqembu nomfutho kwizibonda zeqembu kube sengathi imizamo ekhona yokulungisa iphelela obala. Bakhathazeka nangokuthi kuzoba sengathi ubuholi obuphethe manje sebaphosa ithawula. Labo eqembini ababesola ukuthi uRamaphosa uthengwe abelungu ukuzobulala uKhongolose sebethatha le nkulumo njengobufakazi.
Le nkulumo isiphithanisa izinto eqenjini eselilungiselela ukhetho. Sekumele ligijime liphethe itshe ngothi.
Emhlanganweni iqembu liphume nesinqumo sokusheshisa izinto komaspala libhekane nezinto eziyisithupha ukwenza lokhu. Okokuqala wukuletha izidingo ngokushesha ikakhulu amanzi, ukuthuthwa kwendle, ukuthuthwa kwezibi, ugesi nezindlu.
Okwesibili wukuletha ingqalasizinda eqinile ikakhulukazi eyamanzi nemigwaqo. Okwesithathu wukuxhumana kakhulu nezakhamuzi kuxoxiswane nazo kuxazululwe izinkinga abantu bengakabhikishi.
Okwesine wukuqinisa izinhlaka zokubusa ikakhulu ekuphatheni kahle imali, ekweluseni ukuthi imithetho kamasipala iyalandelwa, nokuqashwa kwabantu abafanele.
Okwesihlanu wukwenza izinhlelo eziqavile zokukhulisa umnotho nentuthuko emazingeni kamasipala, kwesekwe amabhizinisi nezimboni kulamazinga, kwandiswe namathuba emisebenzi.
Okwesithupha wukucacisa kahle njalo emphakathini ukuthi yini eyenziwe, yini esezinhlelweni, nokuthi yiziphi izingqinamba.
Konke lokhu kuphusile kodwa akukusha. Kuvele kuwumsebenzi kamaspala ngokomthetho olawula omasipala. Akukho okusha. Mhlawumbe obekufanele kube kusha wukuthi uKhongolose uzokwenzani ngozibonda nomeya bomasipala ababuswa nguye abangenzi okufanele.
Akukho okuzokwenza amavila ashintshe. Akukho kulokhu okubaliwe okuzokwenza abangenzi umsebenzi bashintshe ukwenza.
Okusho ukuthi uKhongolose uthembele ethembeni ke manje. Uthembe ukuthi bazwile, bazozishaya bona ngaphakathi bashintshe. Uthembe ukuthi unamakhansela aqotho, akhulile kwipolitiki anesibindi sokushintsha ukwenza kwawo.
Ithemba alibulali, kodwa alisilo isu uma abantu sebekhathele wukulinda, uma imali ichithwa bebona, uma kubekwa abaholi abangenamava ezihlalweni zento ebucayi njengomasipala.
Siyoyicela ivuthiwe le. Sizobona emasontweni ambalwa ukuthi ithemba leli belifanele noma kuwukuthela amanzi emhlane wedada nje.