Izindaba

Kunxuswa abantu ukuba babuyise uBenny

Nonkululeko Nhlapo|Published

Kunxuswa amakhasimende ukuthi abuyisele umkhiqizo wokunonga ukudla uBenny

Image: Tiger Brands

Inkampani ekhiqiza ukudla iTiger Brands inxusa amakhasimende kuthi abuyisele ezitolo umkhiqizo wabo wokunonga ukudla i-Benny Beef Flavored Stock Cubes kanye ne-Benny Chicken Flavored Stock Cubes, ekhiqizwe i-Culinary Division, ngenxa yokulebula okungalungile kokudla okunempilo ephaketheni.

Le nkampani ibalula izinga likasawoti eleqile kweminye yemikhiqizo kanti ithatha lesi sinyathelo kulandela ukuxhumana kayo nekhomishini kazwelonke yabathengi. Nakuba ingakazitholi izikhalo zabathengi mayelana nemikhiqizo ethintekile. Lesi sinqumo sihambisana nokuzibophezela kwaso emazingeni aphezulu kakhulu futhi esizuzisa abathengi baso.

I-Tiger Brands isebenza namakhasimende ayo ezitolo nezitolo ezinkulu ukuze isuse yonke imikhiqizo ethintekile ye-Benny Flavored Stock Cube emashalofini esitolo. Lokhu akufaki eminye imikhiqizo emakethe adayiswa ngaphansi kohlobo lwe-Benny.

Imikhiqizo eyingxenye yalokhu ihlanganisa osayizi bephakethe le-cube engu-12, 24 kanye no-48 be-Benny Flavored Stock Cubes ku-Beef kanye ne-Chicken flavour anezinsuku zokuphelelwa yisikhathi ezibhalwe umhla ka-31 kuJulayi 2027 nanoma yiluphi usuku lwangaphambilini.