Izindaba

UDuma udlulise amazwi enduduzo emindenini yabakhalakathele eweni

Wandile Dlamini noNdumiso Jalubana|Published

BEKUQHUMA isililo lapho kukhalakathele khona imoto eweni KwaSwayimane

Image: Sithunyelwe

UMPHATHISWA wezokuThutha KwaZulu-Natal uMnuz Siboniso Duma udlulise amazwi enduduzo emndenini kathisha uNksz Anastasia Shabalala nomfundi uLona Dlamini bakwaSwayimane, abaphonseke eweni behamba ngemoto.

UDuma uthe ukhalela izingane zikamufi ezilahlekelwe ngumama ngoSuku lwabesiFazane, ngoMgqibelo.

Ukhalele nomndeni kanjalo nabafundi abebefunda noLona.

"Kuyasishaqisa ukudlula emhlabeni komuntu osemncane kanjalo nothisha," kusho uDuma.

UDuma uye eweni okuphonseke kulo imoto.

Imibiko engaqinisekisiwe iveze ukuthi imoto ihluleke wukunyuka umango, yahlehla yaze yayokhalakathela eweni.

Kuthiwa omunye wothisha, uNksz Mbali Msomi, wahlaba umkhosi ngokubika udaba komemezela ngezimo zomgwaqo uMnuz Ayanda Msweli.

Kujutshwe nosonhlalakahle abazoluleka umndeni ngalesi sikhathi.