UTHEMBISA Nxumalo ulingisa indawo ephambili emdlalweni othi The Cry of Winnie Mandela, okhonjiswa ePlayhouse, eThekwini namhlanje
Image: SITHUNYELWE
UKUKHUTHAZA abantu besifazane ukuzimela nokushisekela ukukwazi ukumelana nobunzima ababhekana nakho empilweni yizona zinto ezizogqama emdlalweni weshashalazi i-The Cry of Winnie Mandela, okhonjiswa ePlayhouse, eThekwini namhlanje ngo-2 ntambama.
Lokho kushiwo wumlingisi uThembisa Nxumalo, olingisa indawo kaWinnie Madikizela-Mandela ongasekho, owayeyisishoshovu sezepolitiki esilwela amalungelo abantu besifazane, futhi owayewunkosikazi wowayengumengali wokuqala wohulumeni wentando yabantu uDkt Nelson Rolihlahla Mandela, naye ongasekho emhlabeni.
Lo mdlalo, oqale ukukhonjiswa izolo ususelwa encwadini kaNjabulo S. Ndebele ethi The Cry of Winnie Mandela, wase uguqulwa wu-Alex Burger, kanti lona weshashalazi uqondiswe wuMoMo Matsunyane. Amathikithi okuwubuka abiza uR150 eWebtickets.
ITHIMBA labalingisi bomdlalo weshashalazi othi The Cry of Winnie Mandela, okhonjiswa ePlayhouse, eThekwini namhlanje ntambama
Image: SITHUNYELWE
UThembisa uthe kuhlale kuyinselelo enkulu ukulingisa emidllaweni efuze lona ngoba kusuke kudingeka ukuthi wenze ubulungiswa ukuqinisekisa ukuthi umlando wendaba exoxwayo awudukiseki endleleni, okudinga ucophelele futhi ucwaninge ngokwanele usazilungiselela.
“Kusemqoka kakhulu ukuqhubeka sixoxe izindaba ezifuze lena ikakhulu njengoba zivame ukunganakeki emphakathini esiphila kuwona okwenza ukuthi kube lula ukuthi kuqhamuke noma wubani aphambanise umlando wethu, futhi ukungazixoxi ngokwanele kuzokwenza ukuthi singazazi ukuthi sisuka kuphi nokuthi siya kuphi nezwe nomlando wethu siyizwe.
“Ngalo mdlalo sibhekise kakhulu ebantwini besifazane njengoba sizoneka obala ubunjalo bezimo ababhekana nazo emizini abaganene kuyona, ikakhulu uma besele bodwa ngoba abayeni babo bengekho eduze kwabo ngenxa yezizathu ezahlukene. Kanti futhi kuzogqama nobumqoka bokuzimela nokufunda ukuvuka emaqandeni uma kunezimo ezinjalo obhekene nazo empilweni ukuze ukwazi ukuthuthuka uye phambili,” kusho uThembisa.
Abanye abalingisi balo mdlalo woWarona Seane owuMannete, uSiyasanga Sibuyi owuMarara, uPulane Pampoana owuMamello, Lesley Made owuSolwazi Ndebele noMoMo Matsunyane olingisa uDelisiwe.