BEKUYINJABULO kanjena kubafundi baseMahlahla High, eBulwer, becetshiswa ngolwazi lokuthwebula izithombe nangeminye imikhakha yemfundo
Image: SITHUNYELWE
ABAFUNDI bakwesinye sezikole zamabanga aphezulu zaseGqumeni, eBulwer, maphakathi neKwaZulu-Natal eMahlahla Secondary, bathole ingqayizivele yethuba lokuhlomela ikusasa, becetshiswa ngomkhakha wezokuthwebula izithombe nokunye okweyamene nakho.
Lokho kwenzeke ohlelweni olubizwa ngokuthi Impilo Yasemakhaya Exhibition, obelwenziwe ihlandla lesine ngoLwesithathu, khona eBulwer, nolwaqalwa wumthwebuli wezithombe uMnuz Khulasande Tshayile weTshayile Media.
Kulolu hlelo kusizakale abanfundi abawu-121 bakwaGrade 9, 11 nabo-matric wakulesi sikole abacetshiswe ngamasu okuchuma kwezokutwebula izithombe, futhi bahlonyiswa ngolwazi lweminye imikhakha eyahlukene yemfundo, ukubasiza uma sebephothule izifundo zabo.
UMNUZ Khulasande Tshayile weTshayile Media ecobelela abafundi ngolwazi lomkhakha wokuthwebula izithombe
Image: SITHUNYELWE
Ngaphambi kokuhambela eBulwer, uTshayile wenze lolu hlelo amahlandla amathathu eNtabankulu e-Eastern Cape, iseMlaza eningizimu yeTheku naseDurban Art Gallery, eThekwini.
Ngale kokuhlomisa abafundi ngolwazi lwemikhakha eyahlukene, uTshayile uthe okwenze wazolwenza eBulwer wukuthi ubefuna ukwenza ukuthi abantu bakule ndawo baqonde ukuthi nakwezinye izindawo njengakoNtabankulu bakhona abantu abaphila ngendlela efanayo nabaphila ngayo endaweni yabo.
Lolu hlelo luxhaswe wuMnyango wezemiDlalo, ezobuCiko namaSiko nophiko loMnyango wezokuVakasha iCulture Mzansi Golden Economy, kanti kulokhu abafundi baseBulwer bahlonyiswe ngolwazi wuMnyango wezobuciko waseDUT nenhlangano engenzinzuo yakhona eBulwer Iphupho Connect.
Kwabacobele abafundi ngolwazi bekukhona usomabhizinisi uNkosinathi “Malume” Zungu, kwanandisa uLindo Mbambo odlala izinsimbi zomdab nembongi uXolile Zion Vilakazi obephethe uhlelo.
UTshayile uneziqu ze-National Diploma in Photography, iBTech in Photography nesanda kuziphothula ze-Honours Degree in Business Administration, kanti futhi imisebenzi yakhe iyaziwa njengoba sekuyisikhathi eside enza umsebenzi wokuthwebula nokuqopha ama-video.