Amakhosi afundiswa kabanzi ngemithetho elawula izinkantolo zamakhosi ngokuhambisana noMthethosisekelo
Image: sithunyelwe
UMphathiswa woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neNdlu yazoMdabu, uMfu. Thulasizwe Buthelezi, uhambele uhlelo lokufundiswa kwaMakhosi angu-56, oluqhubekayo eThe Balmoral Hotel, eThekwini, lapho efundiswa khona ngomthetho olawula ukusebenza kwezinkantolo zamakhosi iTraditional Courts Act 9 of 2022.
Lolu wuhlelo loMnyango kaCogta ngokubambisana nenhlangano yamajaji, iSouth African Judicial Education Institute (SAJEI), luqale ngoMsombuluko luyoze luphele ngoLwesihlanu.
Ekhuluma naMakhosi ayinxenye yalolu hlelo, uMfu. Buthelezi uthe kubalulekile ukuthi amakhosi asebenzise leli thuba ukucosha ulwazi olwanele ngalo mthetho kanjalo nangokufunda ngamalungelo abantu ngokoMthethosisekelo wakuleli okungamele amakhosi agcine eshaya imithetho ezocindezela amalungelo abantu bawo.
"Kungumsebenzi kahulumeni ukuneseka njengamakhosi ukuze siqinisekise ukuthi lomthetho niyawuqonda kahle. Kuyangijabulisa ukuthi wonke amakhosi obekudingeka ukuba abe lapha wonke akhona," kusho uMfu. Buthelezi. Amakhosi ayingxenye yalolu hlelo yiwo futhi angaphansi kohlelo lokufunda kwamakhosi esikhungweni semfundo ePhakeme, i-University of KwaZulu-Natal.