Empty jail cell Uzobhadla ejele olahlwe elokudlwengula indodana
Image: Sigciniwe
INkantolo yeSifunda eMadadeni igwebe owesilisa oneminyaka ewu-38 udilikajele ngokudlwengula indodana yakhe phakathi kuka-2019 no-2021 eMadadeni.
Umgilwa wayehlala nabazali bakhe nomfowabo. Ummangalelwa wadlwengula umgilwa izikhawu uma unina engekho. Kuthe emuva kwesikhathi umgilwa, wunina nomfowabo bahamba bayohlala ekhaya konina. Uyise kamgilwa wayevame ukubalanda beyomvakashela. Ngaleso sikhathi bevakashile ummangalelwa waqhubeka wadlwengula umgilwa.
Indaba yavela obala emuva kokuthi uthisha eqaphele izinto ezosolisayo kumgilwa wambuza ukuthi kwenzenjani. Umgilwa wabikela uthisha ukuthi uyise ubemdlwengula izikhawu. Uthisha wabikela uthishomkhulu kwabikelwa umndeni kamgilwa. Kwahanjiswa umgilwa emtholampilo kwabikwa udaba emaphoyiseni kwaboshwa ummangalelwa.
UMshushisi uCindy Alberts ubize ofakazi okunguthisha owabikelwa kuqala,udokotela owaxilonga umgilwa oqiniseiksie ukuthi kukhona ukulimala akuqaphela kuyena futhi kuzohlala naye isikhathi eside. UMshushisi ekhonga isigwebo esiqinile,ubize ubabekazi kamgilwa ochaze ukuthi selokhu kwenzeka isigameko umgilwa usehlala eyinkomo edla yodwa futhi uyamsaba ummangalelwa.
Ngaphezu kwesigwebo, inkantolo inqume ukuthi akafanelwe wukusebenza nezingane futhi igama lakhekufanele lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi. Inkantolo ithe akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.