Izindaba

Ukufumbeka phansi kungonakele lutho kungona okuningi kwasebekhulile

Simangaliso Ntshangase|Published

Isaguga esigulayo

Image: IStock

UKUVELE ushayeke phansi nje esikhaleni kungonakele lutho akuyona nje into engatheni futhi akumele ukushaye indiva, ikakhulu ebantiwni asebekhulile. 

Lokho kufakazelwe wucwaningo lwenhlangano yezempilo emhlabeni iWorld Health Organization lokuthi lesi simo sisendaweni yesibili ezimweni zokuzilamaza eziholela ekufeni, ikakhulu ebantwini abaneminyaka ewu-60 kuya phezulu, okuvele ukuthi yibona abasengozini kakhulu.

Isikhulu esiphezulu senhlangano yezempilo esizimele i-Affinity Health, uMnuz Murray Hewlett sithe lesi simo singaholela ekutheni lowo esimehlele ahlale esibhedlela isikhathi eside, kwenze ukuthi angakwazi ukuhamba kahle, futhi ungafa nokufa ngenxa yaso.

"Lesi simo sikwezihamba phambili ezenza ukuthi abantu abadala balimale, futhi singenza nokuthi bangabe besakwazi ukuzimela nokuphila ngendlela abayijwayele. Nokho okuhle wukuthi lezi zigameko ziyagwemeka uma uzinakekela kahle," kusho uHewlett.

Kungani abantu abadala besengcupheni enkulu yokuba kulesi simo?

- Ukuguga noma ukuhamba kweminyaka kuza nezinguquko emzimbeni ezibandakanya ukuphelelwa ngamandla kwemisipha, ukungakwazi ukuhamba kahle usheshe ngendlela ejwayelekjile, ukungaboni kahle emehlweni nokungezwa kahle ezindlebeni - konke okwandisa amathuba okushayeka phansi noma yinini kungonakele lutho. 

- Izifo eziyimbelesela njenge-arthritis, isifo sikashukela nesomfutho ophansi wegazi, kanjalo nemishanguzo ethile, nakho kwenza ukuthi kubhebhetheke umonakalo. 

- Kweminye imizi lokhu kubhebhethekiswa wukuthi phansi akukhonkiwe ngendlela efanele, akukhanyi kahle, wukuba nama-tile ashelelayo nokungabi bikho kwezinto zokubambelela ezindaweni okungaba yingozi ukuhamba kuzona njengasendlini encane noma emastebhisini okunyukela emagunjini aphezulu endlini eyistezi.

Ubungozi nomthelela walesi simo emzimbeni womuntu:

- Ukulimala emalungeni ahlukene omzimba.

- Ukungakwazi ukuma nje ukhululeke isikhathi eside.

- Ukulimala okungathikameza umqondo.

- Ukulimala okungenza ukuthi ukhubazeke emzimbeni.

- Kungenza ukuthi kube lula ukungenwa yizifo ezinjenge-pneumonia noma i-blood clot, okungenzeka kalula uma ungasakwazi ukuhamba kahle.

- Abantu abaningi abalinyazwa yilesi simo kuyenzeka ukuthi bangaphinde bakwazi ukuzimela, okungathikameza futhi kuhlukumeze abathandiweyo babo. 

Izindlela zokusiza ukugwema lesi simo ebantwini asebekhulile:

- Qinisekisa ukuthi ekhaya kuphephile ngokususa phansi izinto ezingenza ukuthi kube lula ukuthi umuntu akhubeke, awe phansi, wenze kukhanye kakhulu nangokuphelele endlini.

- Bakhuthaze ukuhlale behlolwa amehlo ukusiza ukugwema ukungaboni kahle emehlweni.

- Qaphela imishanguzo abayisebenzisayo ngoba eminye ingenza kube lula ukuphathwa yisiyezi. 

- Bakhuthaze ukuthi bahambe nje, belula izinyawo ukuze bahlale beqaqekile emzimbeni ikakhulu kwesingezansi.

- Bakhuthaze ukuphuza amanzi ngendlela efanele neyanele ukuzigcina benamandla nomdlandla.

- Gwema ukuthi bahlale bebodwa ukuze bakwazi ukuthola usizo ngokushesha uma kwenzeka behlelwa yisimo esinjena.

Nazi izimpawu ezikhomba ukuthi kudingeka usizo lwezempilo:

- Uma umuntu ewe phansi washayeka kabi ekhanda.

- Uma umuntu ewe wahuzuka, wavuvukala noma wopha.

- Uma ekhononda ngobuhlungu emathangeni, emhlane nasekhanda.

- Uma bengasakwazi ukuma kahle, ukuzihambela nokunyakaza emva kokuwa phansi.

- Uma ubona sengathi badidekile, abaqondi kahle ukuthi kwenzekani nokuthi bakuphi nendawo emva kokuwa.

- Ngisho noma ngabe umuntu ubonakala sengathi akanankinga, kodwa kuyasiza ukubonana nabezempilo ukuqinisekisa ukuthi awukho umonakalo nokumcathamelayo.