Izindaba

Zimkhalele ogandaye owayeyintombi nosana ngeveni

Nonkululeko Nhlapo|Published

. Uboshiwe ogandaye owayeyintombi nosana ngeveni

Image: Pixabay

Amaphoyisa aseMankweng abophe indoda, 35, ngokubulala ingane yentombazane enezinyanga ezingu-13 ubudala yalimaza unina ngokuyishayela phezu kwabo ngeveni.

Ngokwemininingwane, isisulu sowesifazane sasihamba nengane yaso eceleni komgwaqo, ngoLwesihlanu, 26 July 2025 ngezithuba zabo-20h05, belinde itekisi eliya esigodini saseSegopye, ngesikhathi umsolwa, owayeyisoka lakhe, efika waqala ukuba nengxabano eshubile naye.

 

Yafika itekisi wagibela nosana lwakhe kwathi besendleleni umshayeli wetekisi wamazisa ukuthi iveni liyabalandela. Bathe behla eMarothi (Makwalaneng) Cross, owayeyisoka lakhe wafakwa amafutha ivenini, ngesivinini esikhulu, wabashayisa wabahandaya.

Izisulu ziphuthunyiswe esibhedlela saseMankweng zilimele kabi, kwathi ngokuhamba kwesikhathi, kwashona usana olunezinyanga ezingu-13 ubudala, umama walimala emlenzeni.

Icala lokubulala nelokuzama ukubulala belibhalisiwe. Umsolwa uzovela eNkantolo yeMantshi yaseMankweng ngoMsombuluko, 28 July 2025.