UMSOLWA uNksz Nelisiwe Nompilo Thusini.
Image: Nomonde Zondi
KUVELE kwavuka imibuzo engenazo izimpendulo emndenini wezingane ezimbili okuthiwa zabulawa wunina ngeledlule eNgonyameni, eMlaza, kuvela ukuthi endala eziyelamayo, yashona ngendlela engaqondakali eminyakeni edlule.
Isidumbu sengane yomfana, uNqobizitha Thusini, obezohlanganisa izinyanga ezimbili ezelwe phakathi noJulayi, nesikadadewabo, uNozibusiso Thusini, obeneminyaka emibili, zitholwe zisongwe ngoblankethi wezingane ngoMsombuluko odlule.
Kwabikwa ukuthi babulawa ngokuklinywa, kwasolwa unina, uNksz Nelisiwe Nompilo Thusini (28) ngalesi sigameko, owagcina ekhalelwa amasongo kaSigonyela ngoLwesibili olwedlule, esebalekele kubo eMsinga.
ABASHONILE, uNqobizitha noNozibusiso Thusini
Image: SITHUNYELWE
Kuthiwa abafi bangcwatshwe ohlangothini lwakubo kayise, uMnuz Njabulo Khuzwayo, ngoMgqibelo kulandela isicelo somndeni kamsolwa, okuthiwa uthe ucela bazingcwabe bona izingane kulandela ‘ihlazo’ abathele ngalo.
Exoxa neSolezwe ugogo wabafi, uNkk Nelisiwe Mkhize uthe emva kwesigameko, kukhona isihlobo sikaNksz Thusini, esibatshele ukuthi bashaya amakhala ngengane kamsolwa endala, nayo eyashona ineminyaka emibili.
“Uthe ngaleso sikhathi umsolwa wabatshela ukuthi ivele yakhwingcwa yiphalishi yashona,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe lesi sihlobo sithe bazibuze imibuzo eminingi ngesikhathi sekuvela ukuthi "ubulale" izingane ezimbili.
Uthe isigameko salena yokuqala, isihlobo siveze ukuthi senzeka esahlala eGoli kanti leyo ngane owayeyithole ebudlelwaneni bakhe baphambilini.
Uveze ukuthi uyise wabafi ubazi ukuthi umsolwa unengane eyashona, amtshela ngayo.
“Ayengakuchazanga wukuthi yashona kanjani, nendodana yami ayizange inake ukubuzisisa ukuthi le ngane umsolwa ayemtshela ukuthi yashona yabulawa yini,” usho kanje.
Uthe ukuvela kwalezi zindaba akuzange kuhlale kahle kubona, kunalokho zibashiye nemibuzo.
“Uma lokhu esikutshelwe wumndeni wakhe kuyiqiniso ngabe kukhona okushaya amanzi okufanele kuphenywe ngoba ngabe kuchaza ukuthi ungowesifazane ovele azibulale izingane zakhe zizincane,” kusho uNkk Mkhize.
Uthe bazimisele ngokuya eNkantolo yeMantshi yaseMlaza ngoLwesine, bayozibonela uma umsolwa esefaka isicelo sebheyili.
“Sifisa angayitholi nhlobo ngoba sinovalo lokuthi angenza into engalungile uma ephumela ngaphandle. Kwanathi asazi ukuthi ngeke yini asenzakalise uma ededelwa njengoba enza sengathi uthikamezekile ekhanda,” usho kanje.
Umsolwa kuthiwa wenza isigameko nje, wayekade efike eNgonyameni ngoJulayi 10, bembizile ukuthi azohlala nabo isikhashana.
Kuthiwa ngeJulayi 13 kwathi bayombheka endlini kayise wezingane (oseGoli ngomsebenzi), bafika ekhale amaphepha nazo zombili izingane.
Kuvela ukuthi izingane zatholwa wumuntu owayedlula ngendlela zishonile, kublankethi kwashuthekwa iphepha elibhalwe inombolo kagogo noyise wazo.
Kusolwa ukuthi waziklinya ngoba zazinemihuzuko entanyeni nasekhanda, encane, iphuma igazi ngamakhala.
Related Topics: