Izindaba

Ezikadalawane empini yomjolo ebulale ababili

Nonkululeko Nhlapo|Updated

Kufe ababili okubikwa ukuthi amaphoyisa ahlaselwe elinye kubangwa umjolo.

Image: SAPS

Kubikwa ukuthi qmaphoyisa amabili asogwini oluseningizimu ye-KZN abulawe - okusolwa elinye ilungu le-SAPS, embangweni wezothando.

Umlisa oneminyaka engu-34 ubudala kanye nentombi yakhe, bobabili abangamaphoyisa, bashonele esibhedlela eMurchison ngemuva kwesigameko esenzeka ngoLwesihlanu  ebusuku. 

Ngokwemibiko, owesilisa ubesanda kufika ekhaya ehamba nozakwabo oyintombi, ngesikhathi unina wengane yakhe ebavimbezela.  Indoda idutshulwe amahlandla ambalwa. Intombi ikwazile ukubaleka kodwa yatholwa umakhelwane inenxeba lokudutshulwa yabe esephuthunyiswa esibhedlelalapho eshonele khona.

Amaphoyisa akwazile ukulandelela umkhondo kamsolwa wabe eseboshwa, waphucwa isibhamu somsebenzi okukholakala ukuthi yisona asisebenzisile ehlasela.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda usiqinisekisile isehlo.

"Amaphoyisa asePort Shepstone abophe iphoyisa ngecala lokubulala elinye iphoyisa okukholakala ukuthi nguyise wengane yalo kanye nelinye iphoyisa, okusolwa ukuthi yintombi," kusho yena.