Imoto yobulawe ngenhlamvu eMontclair
Image: Als PARAMEDICS
Kubulawe indoda esigamekweni sokudubula eMontclair ngoLwesine ntambama.
Umufi, ungiwesilisa oneminyaka ebalelwa ko-40 utholakale edindilizile emotweni kuMontclair Road, ngaphambi kwehora lesithathu ntambama ngoLwesine. Abezimo eziphuthumayo bakwa-ALS baphendule izingcingo eziningi zesigameko sokudubula endaweni edumile yokudla okusheshayo futhi bafike bathola imoto inenqwaba yezimbobo zenhlamvu endaweni yokupaka.
Abezimo eziphuthumayo bahlole owesilisa obenamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni wakhe. Lo mlisa ubenemihuzuko ebulalayo kanti akukho abezimo eziphuthumayo abebengamenzela khona kwabe sekumenyezelwa ukuthi ushonele endaweni yesigameko.
Indawo yesigameko ivalwe ekhoneni ngabakwa-SAPS. Okwamanje izehlakalo ezandulela lesi sigameko azikaziwa nokho abeSAPS bakhona basazophenya kabanzi.