Izindaba

Bashaqekile ngowesifazane 'obulale' izingane zakhe

Zimbili Vilakazi|Published

ABASHONILE, oNqobizitha noNozibusiso Thusini

Image: SITHUNYELWE

USASHAQEKILE namanje umndeni wowesilisa waseNgonyameni, eMlaza, kulandela isigameko sowesifazane (28) waseMsinga, okuthiwa ubulale izingane zakhe azizala khona ngoMsombuluko.

Kulesi sigameko kuthiwa kubulawe ngokuklinywa ingane yomfana, uNqobizitha Thusini obezohlanganisa izinyanga ezimbili ezelwe izolo neyentombazane, uNozibusiso Thusini oneminyaka emibili.

Izidumbu zabo zitholwe ngabantu ebebedlula ngendlela eSinkotshe, eNgonyameni, ngoMsombuluko.

Ngokusho kukagogo wazo (ozala uyise), uNkk Nelisiwe Mkhize, zitholwe zisongwe ndawonye ngoblankethi owodwa esikhotheni esiseceleni komgwaqo. 

Phakathi kublankethi kuthiwa bekushuthekwe iphepha elibhalwe inombolo yeselula yakhe uNkk Mkhize kanjalo nekayise wazo, okuthiwa ngokomsebenzi uhlala eGoli. 

Elandisa ngesehlakalo, uNkk Mkhize uthe umsolwa ongunina wezingane, ufike nabo eNgonyameni, ngoLwesine, esuka endlini kayise wezingane eseZwelisha, eNanda.

“Ubehlala nazo eZwelisha endlini yendodana yami. Ngathi uma ngikhuluma naye ocingweni, ngathola ukuthi usentekenteke njengoba ubesanda kuteta. Ngibe sengimyalela ukuthi akake eze ngapha isikhashana, khona sizoba sonke,” kusho uNkk Mkhize. 

Uqhube wathi ubede evuka njalo ekuseni ayombheka endlini yendodana yakhe engaphandle ukuthi balale kanjani nezingane.

“NgeSonto, ngivuke ngenza okufanayo kodwa ngamangazwa ukuthi yena nezingane ababonwa,” usho kanje.

Uthe uqaphele ukuthi izimpahla zabo bobathathu zikhona, wathi uzamile ukumthola ocingweni kodwa belukhala engalubambi, wathi uthe uma efonela omakhelwane baseZwelisha, ebuza ukuthi ukhona yini, nabo balandula.

“Ntambama (ngeSonto) wafonela indodana yami, wathi ucela ukuvalelisa, uyazibulala ngoba ayifunanga ukudayisa umuzi waseZwelisha ukuze bezoyokwakha kwenye indawo,” usho kanjena.

Uthe udaba lokudayiswa kwendlu yinto aqale ukuyikhuluma ngonyaka odlule, kodwa uyise wezingane wangayinaka ngoba engaboni kuwumqondo ophusile.

Eqhubeka nokulandisa, uthe babizelwe endaweni yesigameko ngamalungu omphakakthi, afonele izinombolo zabo zamaselula umsolwa abezishutheke kublankethi abegoqe ngawo abafi.   

“Eyodwa ingane ibiphuma igazi ngamakhala, zinemihuzuko yokuklinywa emqaleni futhi zivuvukele,” kusho uNkk Mkhize.

Udalule nokuthi ngesikhathi besashaqeke kanjalo endaweni yesigameko, kufike izingane zendawo, ezithe zithunywe unina wezingane ukuthi zizobheka ukuthi sebezitholile yini izingane.

“Uphinde wafonela noyise wazo khona lapho, ebuza ukuthi siyazithola yini, sithe siyabheka, nanguya ebhulohweni. Amaphoyisa athe ayamlandelela, angamthola,” kusho uNkk Mkhize. 

Udalule ukuthi unina wezingane ubenakho ukukhuluma izinto ezethusayo uma evukwe yiconsi.

“Ubethi uma esukwe yizinto zakhe, athi ufuna ukuzibulala yena konke nezingane,” kusho yena.

Uthe bashaqekile ngakwenzile, ebulala izingane ezincane kangaka ngesihluku. 

“Indodana yami ayikwazi ngisho ukukhuluma kulandela isigameko. Sishaqekile futhi siphatheke kabi,” usho kanje.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseBhekithemba aphenya amacala amabili okubulala kulandela ukutholwa kwengane enezinyanga ezimbili neneminyaka emibili zifile esikhotheni eSinkontshe, eNgonyameni, ngoMsombuluko.

“Amaphoyisa abizelwe esigamekweni lapho kutholwe khona izidumbu ezimbili zezingane ebezinezibazi zokulimala emakhanda,” kusho uNetshiunda.

Uthe imbangela yokubulala ayikaziwa okwamanje.

Nakuba uNetshiunda engayiqinisekisanga eyokuboshwa kukanina wabafi kodwa umthombo weSolezwe uthe useboshiwe.

Uthe ukusebenza kophiko lweCrime Intelligence ngokubambisana nolwe-Organized Crime kwiSAPS, kuholele ekutheni umsolwa alandwe kubo eMsinga emva kokuthola umkhondo wokuthi usebalekele khona.