UNKSZ Happy Gumbi wenhlangano Izinseka Maternal Affection, uzohlanganisa abesifazane babelane ngamasu okulwa ne-GBV
Image: SITHUNYELWE
ABANTU besifazane bazothola ingqayizivele yethuba lokubhunga nokubonisana ngokumele bakwenze ukuze baphephe futhi bagweme ukuba ngabagilwa bokuhlukunyezwa ngokodlame, ngokocansi nangezinye izindlela phecelezi iGender Based Violence.
Lokho kuzokwenzeka emcimbini oqondene nabo bodwa i-Unbrokren: 16 Days of Activism For GBV Against Women And Children, ozoba seRelax Inn Hotel and Conference Venue, eBallito, enyakatho yeTheku ngoMgqibelo kusuka ngo-10 ekuseni kuya ku-4 ntambama.
UNksz Happy Gumbi wenhlangano engenzi nzuzo, Izinseka Maternal Affection ehlela lo mcimbi, okuzongenwa ngo-R500 kuwo, uthe bekuhlale kumkhathaza ukuzwa kubikwa ngezigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane nezingane ezweni nsuku zonke, waze wafisa ukuthi kube khona akwenzayo ukubasiza kulokho.
UNKSZ Happy Gumbi wenhlangano Izinseka Maternal Affection, uzohlanganisa abesifazane babelane ngamasu okugwema i-GBV
Image: SITHUNYELWE
"Nokuthi njengoba ngiwuthisha nje, ngike ngibone ukuthi ezinye izingane engizifundisayo zithwala kanzima ezifundweni zazo ngenxa yezimo ezikhulela kuzona. Lokhu kwenza ukuthi umsebenzi wami wansuku zonke ube nzima ngoba angazi ukuthi ngingazisiza kanjani.
"Yingakho ngibone kukuhle ukuthi ngihlanganise abantu besifazane kanjena ukuzozama ukuthi silulekane ngezindlela esingazisebenzisa namasu angasiza ukuze kugwemeke lezi zimo ezisithinta ngqo nokuzokwenza sikwazi nokuvikela izingane zethu," kuchaza uNksz Gumbi waseGoli, kodwa osezinze eThekwini ngokomsebenzi.
UNKSZ Zasembo Mkhize uzobe engesinye sezikhulumi emcimbini wabesifazane wokubhunga ngesihlava se-GBV
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe uzobe engahambi yedwa kulokho - njengoba kulo mcimbi kuzobe kukhona izikhulumi okubalwa kuzona osomabhizinisi oNksz Zasembo Mkhize, umlingisi futhi ongumbhali Gugu Togara, iLife Coach uNozipho Hlophe, umcwaningi wezempilo uThanda Mjadu, umculi uBule Sabela, abadlali be-violin uCello no-Uyanda Sibiya nabasakazi uBoniswa Gazu noLonda Mbatha woKhozi FM.
"Lezi zikhulumi zizobe zichushisa izethameli eziwu-100 ezizobe zisemcimbini ngamanye amacebo angazisiza uma zibhekene nezimo ezinjena empilweni, nangasiza ukuthi zigweme ukuba ngabagilwa bodlame nokuhlukunyezwa okweyamene nezobulili," usho kanje.
UNKSZ Gugu Togara ongumlingisi uzobe engesinye sezikhulumi emcimbini wabesifazane wokubhunga ngesihlava se-GBV
Image: SITHUNYELWE
Uthe nakuba kungekhona okokuqala enza imibuthano efuze lona, njengoba eke ahlanganise abesifazane kuxoxwe ngezimo ezihlukene, kodwa uwubheke ngamehlo abomvu lona njengoba kuzobe kungokokuqala ehlanganisa abantu abaningi kangaka emcimbini.