INHLOKO ehola uphiko lwezifundo zodokotela besikhumba e-University of KwaZulu-Natal uSolwazi Ncoza Dlova
Image: SITHUNYELWE
INHLOKO ehola uphiko lwezifundo zodokotela besikhumba e-University of KwaZulu-Natal (UKZN) neyake yaba ngumphathi wohlaka lwezempilo kuyo le nyuvesi, uSolwazi Ncoza Dlova, ichonywe uphaphe legwalagwala iklonyeliswa ngendondo yeLifetime Achievement. Lokhu kwenzeke emcimbini wokuklomelisa abenza kahle emikhakheni yezempilo obuhlelwe yiKwaZulu-Natal Doctors Healthcare Coalition (KZNDHC).
UMengameli weKZNDHC, uSolwazi Morgan Chetty, ubongele uSolwazi Dlova ngomklomelo awutholile. Uthe kungenxa yokuzikhandla kwakhe emsebenzini neqhaza alibambile iminyaka eminingi emkhakheni wezempilo waba wusizo nasemphakathini.
"Abantu abanjengaye bayivela kancane kakhulu ezweni lethu. Ngakho kuyasikhuthaza futhi kuyasijabulisa ukubona elokhu eqhubeka ezikhandla kangaka ngomsebenzi wakhe. Uhlale eshisekela ukubeka eqhulwini inhlalakahle nempilo yomphakathi," kutusa uSolwazi Chetty.
USolwazi Dlova angengatshazwe amava akhe kule ndima njengoba sekukuningi kakhulu asekwenzile nasekuzuzile kuyona. Lapha kubalwa ukuba sezinhlakeni ezihlukene lapho okusuke kubhungwa ngomkhakha wakhe kubalwa i-American Dermatology Association ne-Internatoonal Society of Dermatology. Kanti futhi waba ngowokuqala wase-Afrika ukuqokwa ukumela izwekazi kwi-International League of Dermatology Societies.
Ngo-2022 waklonyeliswa ngendondo ye-Excellence kwi-University Society Bridging kwathi ngo-2023 wahloniswa ngeyeLiving Legend ngenxa yeqhaza alibambile nangokuhola ngobuqotho kule ndima. Nyakenye uthole iGold Award kwiSouth African Medical Research Council ngenxa yeqhaza locwaningo lwalolu hlaka abamba iqhaza kulona.
Ezikhulumela emva kokunqoba, uSolwazi Dlova uthe akuzuzayo akuqondene naye, kepha kuwubufakazi bokuthi ukubambisana nabantu osuke usebenzisana nabo ukwenza umsebenzi othile kuthela izithelo ezinhle nezibonakalayo.
"Njengoba kuhlale kushiwo ukuthi uthisha oqotho osiza abanye ukukhuthalela ukwenza izinto ezinhle, ngithemba ukuthi nalokhu engikuzuzile manje kuzosiza ngokukhuthaza abanye abeza ngemva kwami ukuhamba ezinyathelweni zami ikakhulu abantu abasha ngoba yibona abasenethuba elanele lokwenza izinto ezinhle emphakathini," usho kanje.