Ubizo lwezolimo lwenza ashisekele ukufukula abasafufusa

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Ntombiyenkosi Mtshali, umnikazi weSizisizwe Organic Fresh Produce, inkampani yezolimo yaseVryehid

Image: SITHUNYELWE

"EZOLIMO zifana nobizo kimina futhi ziwumkhakha engiwenza ngingaphushwa wuthando lokufisa ukuba yisigwili, kepha yinto engifisa nengihlale ngisebenzela ukuthi ukuba khona kwami kuyona kusize nabanye abalimi abaningi abeza emva kwami ukuze bachume."

Usho kanjalo uNksz Ntombiyenkosi Mtshali, umnikazi wenkampani yezolimo iSizisizwe Organic Fresh Produce Market, elandisa ngokwenza ahlale enomdlandla wokuyibamba noma ishisa kule mboni yezolimo ayizwa ngaphakathi.

UNksz Mtshali, waseMondlo, eVryheid, uthe uthando lwale mboni yinto eyasheshe yaziveza esemncane kuyena njengoba ekhule ekhonze ukutshala izithombo zezitshalo ezehlukene kubo. Lokho kwenza ukuthi ngisho esekhulile wahamba ngalowo mgudu kwaze kwazoba yimanje.

"Yingakho kuthe ngonyaka odlule, sengingene ngaze ngagxila kulo mkhakha, ngaqala umbono wokuthi kukho konke engikwenzayo, kusizakale nabanye abalimi abeza ngemva kwami abafisa ukuchuma kule mboni. Lo msebenzi ngiwuqale ngokuthi ngenze iqoqo lapho engihlanganise khona abalimi abehlukene, ukuze ngazi futhi ngiqonde konke abashoda ngakho, ngibasize ukuze bathole amathuba angcono," kusho yena.

KUBA njena ensimini uma sekungene iSizisizwe Organic Fresh Produce yenze umsebenzi wezolimo

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe okunye okumsizile ukuze aqale lolo hlelo wukuthi bese evele egabe ngezicucu ezahlukene zale mboni nokunye okweyamene nayo okubalwa kuzona iDiploma in Medical Office Assistant yase-Intec College, isitifiketi se-Agro-Processing sase-AgriSETA, ese-Seedling Production yaseSanvatalia, ese-Marketing eKPI nese-Climate azenze online eNigeria.

"Nokho akubanga lula njengoba ngaphambi kwalokho ngike ngatshala imali eningi kule mboni kepha kunzima ukuchuma kahle,  kuke kwaba nezikhawu lapho obekuthi sengisebenze kakhulu, kube khona izimo ezingibuyisela emuva njengokushoda kwamanzi, bese kokunye kuba nenkinga yendawo engisuke ngiyiqashele ukulima, obekwenza ukuthi ngihlale ngisebenzela emuva njengenkukhu," kusho uNksz Mtshali.

Nakuba engakabi nendawo ethi yena yokusebenzela, kepha uNksz Mtshali uthe kuyamjabulisa ukuthi usesize abalimi abangaphezu kuka-60 ahlale ebalekelela ngamava akhe kule mboni ukubatholela imakethe yokuhweba ngomsebenzi wabo.

"Ngiyabahlomisa nangolwazi ezintweni okudingeka ukuthi bazenze noma bazigweme ukuze umsebenzi wabo wenzeke ngendlela efanele. Mina ngisizakala ngokuthi uma labo balimi sebevuna imikhiqizo yabo, bayiletha kimina ukuthi ngibasabalalisele yona ezitolo nasezimakethe eziningi enginobudlelwano obuhle nazo, bese kungena imali kanjalo.

Udalule ukuthi enkampanini yakhe useqashe abasebenzi abawu-20 abasiza ngokuqhuba umsebenzi wabo wansuku zonke, uveze nokuthi okuhle kakhulu asekuzuze ngaleli bhizinisi wukwakha ubudlelwano nezinhlaka zezolimo zakoJapan, Libya nase-India.

"Lokho kungisiza kakhulu ngoba uma kunemikhiqizo esilungele ukudayiswa, ngibuye ngisebenzise lobu budlelwano bethu ukuyithengisa kulawo mazwe, okusisiza kakhulu senze inzuzo enkulu kunesiyenza ngokudayisela ezweni lethu," kuchaza uNksz Mtshali.

Ucebise abantu abasha ukungawubukeli phansi lo mkhakha awuchaze ngokuthi ukuleyo mikhakha emqoka neyikusasa lokwakha umnotho nokusimama empilweni.

"Ngakho ngibakhuthaza ukuthi bangene ngobuningi kwezolimo, futhi bazimisele ngokusebenza kanzima zikhathi zonke ukuze bawubone umvuzo wokuzikhandla kwabo, ikakhulu ngoba isikhathi esiphila kusona manje sinendlala yamathuba omsebenzi, kepha ngapha kwezolimo  kunamathuba amaningi okwenza ingcebo," kucebisa yena. 

INGXENYE yabasebenzi beSizisizwe Organic Fresh Produce beqeda ukwenza abadume ngakho ensimini

Image: SITHUNYELWE