Uyibamba ishisa ophethe ababhekele ukuphepha emabhishi

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Zola Ndlovu, ophethe ababhekele ezokuphepha ebhishi kuMasipala weTheku

Image: SITHUNYELWE

UMA uvakashele kunoma yiliphi ibhishi noma kwi-swimming pool okusenkabeni yedolobha iTheku uhlale uzofica kukhona abasebenzi abayaluzayo kuze kushone ilanga nsuku zonke beqikelela ukuthi wonke umuntu ovakashele lezi zindawo uphephile,akulimali muntu - okungaba ngokuminza emanzini noma ukulimazana ngezinto ezithile kujatshulwa.

Obhekele ukuthi lowo msebenzi wenzeka ngendlela efanele nguNksz Zola Ndlovu, oyi-Aquatic Safety Manager kaMasipala weTheku, okusho ukuthi kusemahlombe akhe ukuqikelela ukuthi abasebenzi benza umsebenzi ngendlela efanele ukuze kuvikeleke izivakashi.

Engxoxweni ekhethekile neSolezwe ngomsebenzi awenzayo, uNksz Ndlovu udalule nokuthi okunye okumqoka okuhambisana nomsebenzi wakhe wukuqinisekisa ukuthi amanzi abantu ababhukuda kuwona asesimeni esifanele nesilungele ukuthi babhukude kuwona.

"Ngisebenzisana nabasebenzi bami abangaphezu kuka-197, okudingeka ngihlale ngiqikelela ukuthi akukho okuphazamisa umsebenzi wabo. Nakuba isikhathi esiningi ngiba sehhovisi lami - kepha ngihlale, ngihlale ngiyozibonela mathupha ukuthi umsebenzi bawenza ngendlela efanele nabafundiswe ngayo yini. Kungumsebenzi wami futhi ukuqhamuka namacebo okugwema izinkinga, nokubheka ukuthi iyiphi ingozi engase yenzeke emsebenzini wabo ukuze igwemeke kusenesikhathi," kusho uNksz Ndlovu.

UNKSZ Zola Ndlovu, obhekele ezokuphepha emabhishi kuMasipala weTheku

Image: SITHUNYELWE

Uthe lona wumsebenzi ongenamicilikisho yesikhathi eside njengoba udinga ukuthi uma usuphothule u-matric, wenze izifundo zeFirst Aid nSafety ukuze ube nolwazi lokuthi umsiza kanjani umuntu osuke edinga usizo oluphuthumayo, bese futhi uba nesicucu esizofakazela ukuthi uzokwazi ukuba semanzini ngaphandle kwenkinga uma kunezimo ezidinga lokho.

"Wumsebenzi ongakwazi ukuwenza emva kokuqeqeshwa izinyanga ezimbili kuya kwezintathu nje kuphela. Okumqoka wukuzibophezela ukufunda imithetho yakhona nendlela yokwenza izinto ukuze usebenze kahle," usho kanje.

Ebuzwa ngokwenza umsebenzi wakhe ube lula isikhathi esiningi, uNksz Ndlovu uthe usizwa wukuthi ugabe ngamava nangemfundo. Uneziqu i-Bachelor's Degree in Sports Science, Honour's in Recreation Management neMaster's in Business Administration (MBA) kokuthathu akwenze e-University of KwaZulu-Natal; bese kuba yisitifiketi seFacilities Management asithole e-University of Cape Town.

 "Ngiqale ukusebenza ophikweni lwezemidlalo eKZN ngo-2006 kuya ku-2009 ngiyiSports Promotions Officer. Ngisuke lapho sengiyosebenza kumasipala emsebenzini ofanayo kwaze kwaba wu-2012. Emva kwalokho ngakhushulelwa esikhundleni sokuba yiSenior Sports Officer, okuwumsebenzi engiwenze ngaze nganikwa lumsebenzi engiwenza manje," kusho yena.

Ukhale ngokuthi inselelo enkulu emsebenzini wabo wukuthi basebenza ngabantu, okuthi kwesinye isikhathi benze umsebenzi wabo ube nzima ngokufika emabhishi bedle mawala kwezikaFaro, okwenza kube nzima ukubalawula.

"Bakhona nabafika behlome ngezikhali eziyingozi, okuthi uma sekunezingxabano bafune ukulimazana. Lokhu kwenza ukuthi impilo yabasebenzi ibe sengcupheni ngoba kusuke sekudingeka ukuthi balamule ukuze kube nokuthula. 

"Okunye-ke uma uwumholi wesifazane njengami kuba khona lokho kubukeleka phansi kwabanye abantu ngoba benenkoleloze yokuthi ngeke ukwazi ukwenza izinto ezithile ngenxa yobulili bakho. Lokhu kudinga ukuthi usebenze ngokuzikhandla ngokuphindiwe ukuze umsebenzi wakho ucace futhi udlondlobale kuwona nsuku zonke."