UNKK Naledzani Mosomane, inhloko yophiko olubhekele ukuxhasa nokufukula osomabhizinisi
Image: SITHUNYELWE
UKUKHULA ebona unina ezabalazela ukuchumisa amabhizinisi akhe ehlukene kwenza uNkk Naledzani Mosomane waba nentshisekelo yokubona abanye osomabhizinisi bekhula futhi bechuma emabhizinisini ehlukene abawaqalayo ukusiza ukuzicabela ikusasa eliqhakazile.
Luqale lapho lwase lukhula unomphelo uthando lwakhe lwezamabhizinisi nezezimali, kangangokuthi kuthe esekhulile washisekela ukuzicebisa ngolwazi lwezifundo zezimali nezamabhizinisi ngenhloso yokubamba iqhaza ukusiza osomabhizinisi abasafufusa.
UNkk Mosomane, ozalwe eGoli, wakhulela ePolokwane nasePitoli, manje uyinhloko yophiko olubhekele ukuthuthukisa nokuxhasa amabhizinisi ehlukene lweStandard Bank Group. Uthe lolu wuhlobo lomsebenzi olwenza ahlale eziqhenya ngeqhaza abalibambayo emphakathini.
"Lokhu kusukela ekutheni umama wami wayewusomabhizinisi, enenkampani yokupheka futhi edayisa izimpahla zokugqoka nemikhiqizo ehlukene. Ngimbonile ezabalaza phambi kwami, kwaze kwafika ekutheni abe nebhizinisi lendawo yokulala, elisekhona namanje - okwenza ukuthi nami ngikhule nginentshisekelo yokubona osomabhizinisi bethuthuka," kusho uNkk Mosomane.
UNkk Mosomane uneziqu zeBachelor of Accounting Sciences neHonours in Accounting Sciences zase-University of Witwatersrand, bese kuba yiMaster's In Development Finance ayiphasa ngamalengiso e-University of Stellenbosch; ulwazi lwemfundo olumsize ukuthi afike esigabeni sokuba yiChartered Accountant ngokusemthethweni.
"Ngiqale ukusebenza ePrice Waterhouse Cooper ngo-2012 ngiwumncwaningi mabhuku wakhona, kwase kuthi ngo-2015 ngajoyina iStandard Bank ngiyi-operations manager, ngenza futhi eminye imisebenzi egcine ingifikisa kulesi sigaba esengikusona manje, nengisinikwe ngokusemthethweni ngonyaka odlule," usho kanje.
Uthe umsebenzi wakhe wansuku zonke ubandakanya ukuqhamuka namacebo nezisombululo zokusiza osomabhizinisi abasafufusa ukuze bachume, bese futhi esebenzisana nezinhlaka ezahlukene ezixhasa osomabhizinisi ukufeza lowo mbono.
"Asigcini ngokukhipha usizo lwemali kuphela kosomabhizinisi, kepha sibasiza nangokuthi bathole imakethe ezokwenza ukuthi imikhiqizo yabo idayiseke ukuze esibasiza ngakho kungapheleli emoyeni," kusho yena.