UNKSZ Thandeka Dindi, umnikazi weCaela's Eatery etholakala KwaDlengzwa, naKwaMashu
Image: SITHUNYELWE
"NGABONA ngiseyisitshudeni saseNyuvesi yaseZululand ukuthi abantu abakhele le ndawo yasemakhaya baphoqeka ukuthi baze baye edolobheni eMpangeni noma eRichards Bay, ukuba bathole uhlobo lokudla okumnandi futhi abaluthandayo, ngase ngibona intuba yokuqala ibhizinisi elizokwenza bathole abakufunayo kalula nangokushesha eduzane."
Usho njalo uNksz Thandeka Dindi, elandisa Isolezwe ngokuthi wayiqala kanjani iCaela's Eatery, ibhizinisi lakhe lokudla okusheshayo elizinze KwaDlangezwa, eMpangeni, futhi eselinegatsha lesibili ngakubo KwaMashu.
Le ntokazi (27) yayifike KwaDlangezwa iyofunda izifundo ze-BSC in Computer Sciences and Mathematics, eziphothule ngo-2021, kodwa kulokhu kuyikhathaza ukuthi izitshudeni zakule nyuvesi zibhekana nobunzima kangakani uma zisuke zifuna ukuqeda iphango.
UNKSZ Thandeka Dindi, umnikazi we-Caela's Eatery yaKwaDlengzwa naKwaMashu, KwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
"Yingakho kwathi sengiqede ukufunda, ngisalinde ukuthola umsebenzi - ngabona kuyithuba elihle lokuqala ibhizinisi elinjena ngo-2022, ngisebenzisa nokuthi ngivele ngiwumuntu okhonze ukupheka. Ngiyakhumbula ukuthi ngisaqala, ngabuya ekhaya ngazoqasha eduze nenyuvesi ngibe sengiqedile ukufunda. Ngasebenzela kwi-container engangiyiqashile, kwaba wukuthuthuka kwami kanjalo ngenxa yobuningi bamakhasimende ebhizinisi lami.
"Ngiqhubekile kanjalo, ngathola enye inqola ebengisebenzela kuyona eduze kwesango lenyuvesi, okuyiyona nto engisize kakhulu ukudoba amakhasimende amaningi kalula njengoba bese kulula kwizitshudeni nakosomatekisi ukuzothenga, okungisize kakhulu ukudoba amakhasimende abethenga ubuthaphuthaphu kimina," kulanda uNksz Dindi.
LIBUKEKA kanjena ibhizinisi lendawo yokudlela i-Caela's Eatery eKwaDlangezwa, Empangeni, enyakatho yeKwaZulu-Natal
Image: SITHUNYELWE
Eqhuba, uthe kuthe ngo-2023, wafaka isicelo sokuxhaswa yiNational Youth Development Agency (NYDA) ukuze athuthukise ibhizinisi lakhe, nangempela kwalunga nyakenye - bamsiza ngemali ewu-R50 000 yokuthenga izinto nengqalasidinda yokuqhuba ibhizinisi lakhe.
"Lokho kungisize kakhulu ukuthenga umpheme engiwusebenzise ukufulela nokulungisa ukuthi lapho esengisebenzela khona manje eMpangeni kubukeke kahle, ngasizakala nangokuthi ngivule elinye igatsha lesibili lokusebenzela ngasekhaya KwaMashu, ngangeza nenye ingqalasizinda futhi ngaqasha nabantu abayisithupha ebhizinisini," usho kanje.
OKUNYE ukudla okudlisayo kwase-Caela's Eatery
Image: SITHUNYELWE
Uthe ukudla kwabo kubiza kusuka ku-R50 kuya ku-R500 okuncike ekutheni ikhasimende lithenga kudlakuni futhi okungakanani, kanti manje usebheke nokuthi baqhubeke bathuthukise igama labo nobuhle bomsebenzi abawenzayo.
"Ngifisa ukuthi indawo yethu ithuthuke, ibe nenye ifenisha yezinga eliphezulu - bese kuthi ngokuqhubeka kwesikhathi ligcine liyindawo yokudlela ehlonishwayo, kanti futhi ngizimisele nangokuthi ngisebenzise ulwazi lomkhakha engiwufundele ukusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukulithuthukisa nokulichumisa," kusho uNksz Dindi.
IZIBILIBOCO zokudla okudlisayo kwase-Caela's Eatery
Image: SITHUNYELWE