Ukungakhuliswa ngabazali kumkhuthaze ukwelapha abanalobu buhlungu

Simangaliso Ntshangase|Published

UNKSZ Skhulile Ngobese, umnikazi wenkampani yezifo zengqondo iHluma Wellness yaseThekwini, KwaZulu-Natal

Image: SITHUNYELWE

UKUZALWA ngabazali abasebancane ababebuye bangabi nalo ithuba nesikhathi esanele nesifanele sokumkhulisa, kwenza ukuthi akhule enobuhlungu bokungalwazi uthando lomzali okuzalayo, futhi kwamvula amehlo ngokuthi baningi abanye abakhule ezimeni ezinjalo kepha bangakwazi ukwelapheka nokudlulisa lobo buhlungu.

Yilokho okwakhuthaza uNksz Skhulile Ngobese ukuqala inkampani yakhe iHluma Wellness, esiza ngokweluleka abanezinkinga ezifana nalena akhule enayo nezinye izinkinga futhi ezeyamene nokuhlukumezeka emqondweni okudalwa yizimo ezahlukene empilweni.

UNksz Ngobese (30) waseMandeni, kodwa futhi oke wahlala eMpangeni naseShowe, usungule le nkampani ngo-2022 emva kokuphothula i-Honours ye-Bachelor of Psychology e-University of Zululand ngo-2016.

"Kodwa umcabango wayo waqala ukungifikela sengenza unyaka wami wokugcina enyuvesi, ngaqala kancane ngizihlupha ngokuthola ulwazi lokwakudingeka ukuthi ngikwenze, kanjalo nemigudu okwakumele ukuthi ngiyilandele ukuze ngifeze lo mbono wami. Ngisebenzile ezinkampanini ezahlukene kusukela lapho ngisaqongelela ulwazi namava okukwazi ukuthi ngizimele ngokugcwele nangokuphelele uma sengiqala into yami," kuchaza uNksz Ngobese.

UNKSZ Ngobese ehambele kwesinye sezikole zaKwaZulu-Natal ukufundisa ngezifo zengqondo

Image: SITHUNYELWE

Eqhuba, uthe indlela akhule ngayo yenza wabona ukuthi baningi kangakanani abantu abakhula benezinto ezibahluphayo emoyeni nasemphefumulweni, kepha bangabi nayo indlela yokuthi babhodle ngazo ukuze zingabagqilazi emqondweni.

"Thina-ke sisiza ngalokho ngokuthi sikwazi ukunika umuntu ithuba lokubhoboka ngenkinga nangesimo esimhluphayo emphefumulweni, bese simlekelela nangokumcebisa ngemigudu okumele ayilandele ukuze asinqobe noma asilawule leso simo sokumhluphayo. Leyo nto ngiyenzela ukuthi kusizakale abantu ngoba kuyacaca ukuthi okubahluphayo emqondweni kudala ukuthi impilo yabo iphazamiseke ngezindlela eziningi ikakhulu kithina bendlu emnyama ngoba sisazibukela kude izinto eziwusizo njengalena," kusho yena.

 

UNKSZ Ngobese ekhuluma komunye wemicimbi yakhe yokufundisa ngezifo zengqondo

Image: SITHUNYELWE

Uthe ngale kwezinhlelo zokusiza abantu ukubhoboka ngezinkinga ezahlukene, babuye basebenzisane nezikhungo zezempilo ezahlukene ezweni lonke ikakhulu eThekwini lapho ezinze khona manjeukusiza abantu abasuke begula ngokuyamene nokusebenza kwengqondo ukuthi babeluleke futhi babacebise ngokungabasiza kulezo zinkinga.

"Kanti akupheleli lapho njengoba futhi sinemicimbi esiyenzayo emphakathini okungothi Balance and Bubble wabesifazane nothi The Gentlemen's Table wabesilisa, onhloso yayo wukwenza izigcawu zokukhuluma ngokuvulelekile ngezinkinga ezahlukene ezibathiyayo empilweni ukusiza ukuthi bengafeli phakathi ngezinkinga abanazo," kusho uNksz Ngobese.

Okwamanje unomuntu oyedwa asebenzisana naye ukuqhuba umsebenzi bese kuba nabeluleki bezengqondo aye asebenzisane nabo uma kunomthamo omningi womsebenzi. 

Ebuzwa ngezinselelo zomsebenzi wakhe uthe: "Kuvame ukuba yimicikilisho yemigomo yokusebenza kwama-medical aid okuye kwenze ukuthi kwesinye isikhathi inkokhelo ingafiki kithina ngokushesha ekubeni umuntu sesimsizile ngabekudinga. Nanokuthi kwesinye isikhathi kuba nzima ukuthola amakhasimende ngenxa yokuthi abendlu emnyama abakhuthali ukuthola usizo olunjena, bese kuthi abezinye izinhlanga bakhonze ukusizwa ngabohlanga olufana nolwabo isikhathi esiningi."

UNksz Ngobese uthe manje usebheke ukuthi inkampani yakhe inabele nakwezinye izindawo ezweni lonke, okuzosiza ukwandisa amathuba omsebenzi nokukhulisa igama lomsebenzi omuhle awenzayo, kanti futhi maduze nje uzokwethula uhlelo lwakhe kwiYouTube, lapho okuzobe kubhungwa khona ngezinkinga nokugula okwehlukene okweyamene nengqondo.